Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Shows 9 UThandiswa uzogubha ewu-50 ngekhonsathi eThekwini

UThandiswa uzogubha ewu-50 ngekhonsathi eThekwini

by | 11 March 2026

SIZOGUBHA iminyaka ewu-50 yokuzalwa ngokuvakashela eThekwini, isilomo somculi uThandiswa Mazwai. Le ntokazi esiqede iminyaka ewu-30 endimeni yezomculo, yaqala ukwaziwa isacula neqembu iBongo Maffin, ngaphambi kokuzimela. 

“Akukholakali ukuthi ngizohlanganisa iminyaka ewu-50 ngidla anhlamvana, kanti ingxenye enkulu yaleyo minyaka, ngiyichithe emkhakheni womculo,” kuchaza yena. 

Ngo-2024 ukhiphe i-album ethi, “Sankofa”  ethokozelwe kakhulu ngabalandeli bomculo wakhe, yagila izimanga kumaSouth African Music Awards angonyaka odlule, lapho ithole khona izindondo ezine; okuyiBest Female Artist of the Year, iBest Produced Album of the Year, iBest African Adult Contemporary Album neyeBest Engineer.

UThandiswa uhlele umcimbi ozokuba seThe Playhouse, eThekwini, mhla ka-20 kuNdasa (March). Waziwa kakhulu ngamanoni akhe okubalwa kuwo elithi, “Nizalwa Ngobani”, elithi‚ “Lahl’ umlenze”, elithi “Ingoma”, namanye. 

Umcimbi kaThandiswa waseThekwini ulandela ngomunye abe nawo eGoli ngenyanga edlule, lapho abeshiyelana khona inkundla nabaculi okubalwa kubo uMsaki, uSomi, uThandi Ntuli noMadala Kunene.

Kuzokhumbuleka ukuthi nangonyaka odlule uThandiswa, obuye aziwe ngelikaKing Tha, ubeseThekwini ezokwethula i-album yakhe ethi, emcimbini obugcwele phama. Uthi kule khonsathi uzobe eqhulula amanoni akudala namasha.

Amathikithi abiza u-R380 kuya ku-R600, atholakala eWebtickets, kanti umcimbi wona uzoqala ngo-19:30 ebusuku. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...