Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 INcandweni noSolly Mahlangu kowe-Pre Easter Gospel Festival eThekwini

INcandweni noSolly Mahlangu kowe-Pre Easter Gospel Festival eThekwini

by | 3 March 2026

KULANDWE izinkakha osekunesikhathi zagcina ukunandisa eThekwini emcimbini walo nyaka womculo we-gospel wokwandulela iPhasika obizwa ngePre-Easter Gospel Festival ozoba ngomhla ka-28 kwephezulu eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini.

Lo mcimbi ohlelwa uThulani Ga Ndlela naye ongumculi walolu hlobo lomculi usuneminyaka wenzeka kanti ukhombisa ukukhula minyaka yonke.

Kuzokhumbuleka ukuthi owangonyaka owedlule ubuwenzelwe eJesus Dome eMayville njengoba usubuyela e-ICC lapho osuke wenzelwa khona iminyaka eyandulela owedlule.

Kulo nyaka kulo mcimbi kuboshelwe izinkakha esekuneminyaka zagcina ukubonakala zidumisa eThekwini njengoba kuboshelwe Incandweni Christ Ambassadors okuke kwabikwa ngokuhlakazeka kwayo phambilini kanjalo noMfu Solly Mahlangu naye osekuphele cishe iminyaka engaphezulu kweyishumi engadumisi kuleli dolobha.

Echaza ngokulandwa kwalezi zinkakha uGa uthe minyaka yonke uhlale eqinisekisa ukuthi uhlanganisa abaculi abadala nalabo abasebasha ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi kubo nokukuhlangana kwezizukulwana emcimbini wakhe.

“Uma ubheka ngonyaka owedlule sikwazile ukuba noMthunzi Namba noJabu Hlongwana sabahlanganisa noYanga Sobetwa noNtontokozo Mkhize abasayizingane ezikhulayo kulo mkhakha. Okube kuhle wukuthi abantu abebehambele umcimbi wangonyaka owedlule bangimangaza ngoba baveza ukuthi basawukhumbula umculo kaMthunzi noJabu okusho khona ukuthi abaculi asebekhulile umculo wabo usathandwa futhi abantu basabadinga ukuzobabusisa ngezingoma zabo,” kuchaza uGa.

Uthe nakulo nyaka ukhethe ukuqhubeka lapho egcine khona ngonyaka owedlile nokuyikhona okumenze walanda lezi zinkakha INcandweni kanjalo noMfu Mahlangu.

“Nazo lezi zinkakha sizihlanganise nabanye abasekhona njengomanje nengoba silande uNtokozo Mbambo, uKhaya Mthethwa, Takie Ndou, Nozipho Phiri, Ncebakazi Msomi kanjalo noMnqobi Nxumalo,” kuchaza uGa.

Ngonyaka owedlule uGa wasungula uhlelo lokuvundulula ikhono njengoba aqoka abaculi abawu-12 abasafufusa bakwazi ukuthola ithuba lokubhula amazolo. Kulo nyaka uGa uthe kulaba abawu-12 abaqoke ngonyaka owedlule uzothatha abathathu akwazile ukubasiza baqopha izingoma bese ebanika ithuba lokuphinde babhule amazolo kulo mcimbi.

Uthe lokhu ukwenza ngonhloso yokungashiyi belenga labo abatholakale ngonyaka owedlule.

“Kubalulekile ukuthi sibakhulise singabaculisi kanye bese siyabalenga kodwa sihambe nabo lolu hambo ukuze nabo bakwazi ukuthuthuka kulo mkhakha,” kusho yena.
Unxuse abantu basheshe bawathenge amathikithi njengoba edayiswa ubuthaphuthaphu eWebtickets, ezitolo zakwaBoxer nasePick n Pay kusukela ngo-R250

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...