Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

by | 23 September 2026

IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa, elisamisiwe emsebenzini, uJenene Shadrack Sibiya (osesithombeni), lizobuyela enkantolo ngoLwesibili oluzayo lomhla ka-29 kuMandulo (September), liyofaka isicelo sebheyili.

USibiya uboshwe ngoMsombuluko, wavela kafushane eNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngoLwesibili, ngecala lokudlwengula intombazane eneminyaka ewu-18, eSandton, okuthiwa kwenzeke ngenyanga kaNhlaba (May) kulo nyaka.

Elinye icala athweswe lona, kuthiwa phakathi kukaMbasa (April) noNtulikazi (July), kuwo lonyaka, wayeqeqesha intombazane eneminyaka engu-16, ngezindlela zokwenza ucansi.

USibiya ugqunywe eKgosi Mampuru Correction Centre, ePretoria, ngoba kwesatshwa ukuthi uma eboshelwa ejele laseGoli, uzosebenzisa isikhundla sakhe, eqiswe noma adedelwe ejele. Abaphenyi bamacala bathi basalalela umyalezo oqoshiwe (voice note), lapho uSibiya ezwakala esabisa omunye wesifazane, ozoba ngufakazi uma sekuqulwa lawa macala, athweswe wona.

Ezisematheni

Amaqembu azibophezele okhethweni olukhululekile

Amaqembu azibophezele okhethweni olukhululekile

AMAQEMBU angenele ukhetho loHulumeni baseKhaya, olungomhla ka-4 kuLwezi (November), asayine imigomo yokuzibophezela ekutheni azokwenza ukhetho lube ngolukhululekile, futhi lungabi nazihibe. Abesayina eMidrand, eGauteng, namuhla ngoLwesithathu. USihlalo we-Electoral...

Babulale owesilisa bezitshela ukuthi ungumbulali waseKempton Park

Babulale owesilisa bezitshela ukuthi ungumbulali waseKempton Park

KUBULAWE owesilisa efaniswe nomuntu okusolwa ukuthi uyena obulala abesifazane abatholwa beshonile eKempton Park, eKurhuleni. Umufi uMnu Vusumuzi Radebe kuthiwa uhlaselwe yiqulu labantu eKurhuleni esolwa ngokuthi ungumbulali wabesifazane njengoba kutholakala izidumbu...