Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

by | 23 September 2026


UZONDWE amalungu omndeni wakhe umculi kamaskandi uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose ngoba ethi uyaphi ngaphansi kwenkampani yeZingane Zoma ngoba umsunguli wayo uMnu Shobeni Khuzwayo wabulala uMgqumeni “iBhova LikaDikadika” Khumalo (ongasekho).

UKhuzani uveze lokhu namhlanje ngoLwesithathu eCoastlands Hotel eMusgrave eThekwini. Ubekhuluma emcimbini ohlelwe iNdlamlenze Development Foundation, wokucotshelelwa kwamaciko ngolwazi lwezomculo. Uthe ukuphikelela kwakhe kuShobeni Khuzwayo kumsizile empilweni yakhe.


“Namanje kunabantu abangizondayo emndenini ngoba babethi ngithathe isinqumo esibi sokuya enkampanini yeZingane Zoma. Ukusebenza ngaphansi kwale nkampani kungisizile ngoba namhlanje ngiphumelele ngenxa yayo,” kusho uKhuzani.
Ugqugquzele abaculi ngokuthi abangakhohlwa yizinkampani ezibasizile. Uthi kumele zihlonishwe izinkampani ezihlonze ikhono lomculi.


“Ubaba uShobeni nguyena ohlonze ikhono lami. Ungiphe ithuba lokuthi ngimculele, wangiqopha. Ngithathe isinqumo enhliziyweni yami sokuthi angisoze ngixabane nomuntu owangisiza empilweni. Ngakho-ke ubaba uShobeni, namanje unengxenye yephesenti akalitholayo emculweni wami nakuba ngingasekho ngaphansi kwakhe,”esho.


Kule nkundla yokucotshelelwa kwamaciko ngolwazi, bekukhona abakwaSouth African Music Rights Organisation (Samro), abakwaSamra nezinye izinkampani zomculo
www.ilanganews.co.za

Ezisematheni

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

BADEDELWE ngebheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye uNkk Tsakane Matlala nababili abeboshwe nabo ngecala lokuqasha indawo eseWaterkloof  ebiza u-R95 000 ngenyanga okuthiwa basebenzise isivumelwano somgunyathi abathi isona esiqinisekisa ukuyiqasha kwabo. UTsakane...

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa, elisamisiwe emsebenzini, uJenene Shadrack Sibiya (osesithombeni), lizobuyela enkantolo ngoLwesibili oluzayo lomhla ka-29 kuMandulo (September), liyofaka isicelo sebheyili. USibiya uboshwe ngoMsombuluko, wavela kafushane eNkantolo...