
SINGENE sifaswe ngozankosi ezinyaweni isiboshwa esaphucwa ushwele emva kokuthweswa icala lokubulala sigqibe owesifazane esihlabathini olwandle eMkhomazi, maqede saziqopha ama-video ngomakhalekhukhwini kamufi.
UMsawenkosi Shozi (54) uthweswe icala lokubulala uNkz Sithokozile Dlamini (32) owaphuma ekhaya eya emsebenzini wagcina engafikanga khona kanti usebulewe.

Kuleli sonto ubevele eNkantolo yeSifunda yaseScottburgh ngecala lokubulala. Icala abhekene nalo lihlehliselwe umhlaka 11 kuMasingana (January) wonyaka ozayo. Ngesikhathi eboshwa inkantolo ithole ukuthi uthweswa leli cala nje ubevele engaphandle ngoshwele ecaleni lokudlwengula. Imphuce ushwele maqede yathi akasavunyelwe nokufaka isicalo sebheyili. Enkantolo bekugcwele phama njengoba kukhona namalungu omphakathi afuna ukubona isiphetho saleli cala.
Umufi uNkz Dlamini okuthiwa ubeqashwe emzini womuntu, waphuma ekhaya eya emsebenzini kodwa wangafika lapho eqashwe khona nasekhaya wangabuyela. UShozi wabanjiswa ukusebenzisa umakhalekhukhwini kaNkz Dlamini ngesikhathi amalungu omphakathi ephume umkhankaso wokuthungatha umufi. Kuthiwa uShozi wayeziqopha ama-video ngomakhalekhukhwini kamufi. Abantu uma bembuza ukuthi uhlanganaphi nomakhalekhukwini kaNkz Dlamini, abachithe ngokuthi owakhe futhi le namba ayisebenzisayo eyakhe endala. Kuthiwa waze wabanjiswa ngowesifazane owaveza ukuthi uShozi unguyise wengane yakhe, ucela abantu bayisukumele indaba yakhe ngoba uyingozi, emsola nangokubulala.
Isidumbu sikaNkz Dlamini satholwa siboshwe ngezintambo sigqitshwe esihlabathini, ecuywe isibeletho. Nangelanga lomngcwabo wakhe abavulelwanga abantu ukuthi basibone ngoba sase sonakele. Washona washiya izingane zakhe ezimbili ezingakwazanga ukumbona ngisho esengcwatshwa ngenxa yesimo sesidumbu sakhe, zamgcina ephuma eya emsebenzini.
tndlovu@ilanganews.co.za







