Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuzoqhudelana izikole zixhaswe ngerobhothi elifundisa emakilasini

Kuzoqhudelana izikole zixhaswe ngerobhothi elifundisa emakilasini

by | 27 December 2025


UQHAMUKE nesu lokuhlomulisa izikole zasemakhaya nezasemalokishini ngezobuchwepheshe obuvikelekile ezikoleni kusetshenziswa irobhoti elifundisa zonke izifundo, likwazi nokubika ubugebengu uma kugqekezwa lapho libekwe khona.

Lokhu kuvezwe uNkz Thando Gumede eRoyal Palm Hotel eMhlanga ngesonto eledlule esithangamini sabezindaba ethula umkhankaso wokuncintisana kwezikole ukuze zihlomule ngerobhothi elibizwa ngo-IRis. Uthi izikole ezisesilungwini sezilithengile irobhothi, kodwa ezasemakhaya zisilele emuva ngenxa yokuthi libiza kakhulu. Uthi libiza u-R250 000, uma lizofakwa eLab elakhelwe yona, libiza u-R600 000. Uthe yilokhu okwenze ukuba avulele izikole ithuba lokuthi zincintisane ngokuthi ziqokwe bese kubanohlelo lokuthi zivotelwe.


“Kulo mncintiswano, abantu bazoqoka izikole zivotelwe, bese ezithole amavoti amaningi zihlomule u-IRis,” esho.
Uthe uqhamuke nomkhankaso wokusabalalisa leli robhothi ngenhloso yokufukula imfundo yasezikoleni zasemalokishini nezasemakhaya. Uthi izikole zingathumela imininingwane yazo kulenombolo kaWhatsApp: 061 288 960.


Leli robhothi – elidume ngelika-Iris – ulethule ebantwini kuNcwaba (August) kuwona lonyaka kanti likwazi ukufundisa izifundo zasezikoleni zamabanga aphansi, athe thuthu kanjano nasezikhungweni zemfundo ephakeme.
“Ngesikhathi silisungula leli Robhothi, belifundisa ngezilimi eziwu-11, kodwa manje selifundisa ngezilimi ezingaphezulu kuka-5000 zomhlaba wonke,” esho.


Uveze ukuthi U-Iris usebenza njengothisha, uyalekelela ngokufundisa, ukumaka nokucubungula ulwazi.
Uthi ngaphandle kokuthi izikole zivotelwe, kuvuleke nohlelo lokuthi labo abathanda ukuxhasa ngemali ekutheni izikole abazoziqoka, zihlomule, kuzoba njalo.


“Sizobheka ukuthi iminikelo ibe yimalini, bese sinika lezo zikole ezinikelelwe abaxhasi. Uxhaso oluzosala lapho, sizobe sesilunikezela kulezo zikole eziqokiwe ukuze kuhlomule izikole eziningana,” kusho uNkz Gumede.
Uthi uhlelo lokuqoka seluvuliwe, kuzovalwa mhlaka-31 kuMasingana (January)-2026.


Uthe ufaka u 12033124# ukuvotela lezo abafuna ziwine, usebenzisa inombolo eyimfihlo ozoyithola ithunyelwa uqoka izikole.
Uthi leli robhothi akalisungulelanga ukuthi lizoqeda umsebenzi wothisha kodwa walisungulela ukuthi lizokwenza umsebenzi wabo ube lula.
“U-Iris uma sebebhalile i-test abafundi, ukwazi ukubamakela ngomzuzu owodwa aqede asheshe akwazi nokuhlaziya ukuthi yimuphi umbuzo obahlulile. Lokhu kuyamlekelela uthisha ukuthi asheshe abone lapho okufanele aqinise ngakhona,” usho kanje.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...