Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kunxuswa abaholi bomdabu ukuqikelela ukuthi kabaphazamiseki abafundi baka-matric

Kunxuswa abaholi bomdabu ukuqikelela ukuthi kabaphazamiseki abafundi baka-matric

by | 29 January 2025

ISHAYE indesheni kubaholi bomdabu nezinhlaka zezokuphepha ukuba zibambe iqhaza ekufukulweni kwemfundo ezindaweni zasemakhaya iMeya yaseMnambithi, uMnu Zama Sibisi.

USibisi ubethula inkulumo emcimbini wokuklonyelisa abafundi nothisha abenze kahle kumatikuletsheni wanyakenye izolo ngoLwesibili. Unxuse amakhosi nezinduna ukuba bakhulumisane nemindeni nemiphakathi ukuba ingayihleli imicimbi nemibuthano okudingeka ukuba ihanjelwe ngabafundi bakamatikuletsheni. 

“Uqala nje unyaka, ngiyakhuleka kubaholi emiphakathini ukuba sibambisane sonke silwele imfundo yezingane zethu. Nginxusa nabazali emakhaya ukuba bangazivumeli izingane zabo ukuthi zibe wumvanzi, zihambele nemicimbi, bese zikhohlwa yizincwadi zesikole.

“Isifiso sami wukuba kubuye isithunzi semfundo, izimpi zezigodi zingakapakeli ezikoleni. Noma kwenzekile kwaxabana abafundi esikoleni, abazali kufanele bangenelele ngokuxazulula, hhayi ukuthatha uhlangothi. Okwethu siwumasipala wukuba sixhase izingane zethu ngemali yokubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme kanye nangezinye izinsiza ezidingekayo,” kusho Sibisi. 

Lo mcimbi ubuhanjelwe ngabaholi bemikhakha eyahlukene okubalwa kubona noMnu Velenkosini Hlabisa, onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu kuzwelonke, obuye abe ngumongameli we-IFP.

UHlabisa wethule inkulumo yosuku okuyilapho khona encome amantombazane ngokuhamba phambili ekuthuthukisweni kwamakhaya, uma esethole imisebenzi.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...