Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kunxuswa abaholi bomdabu ukuqikelela ukuthi kabaphazamiseki abafundi baka-matric

Kunxuswa abaholi bomdabu ukuqikelela ukuthi kabaphazamiseki abafundi baka-matric

by | 29 January 2025

ISHAYE indesheni kubaholi bomdabu nezinhlaka zezokuphepha ukuba zibambe iqhaza ekufukulweni kwemfundo ezindaweni zasemakhaya iMeya yaseMnambithi, uMnu Zama Sibisi.

USibisi ubethula inkulumo emcimbini wokuklonyelisa abafundi nothisha abenze kahle kumatikuletsheni wanyakenye izolo ngoLwesibili. Unxuse amakhosi nezinduna ukuba bakhulumisane nemindeni nemiphakathi ukuba ingayihleli imicimbi nemibuthano okudingeka ukuba ihanjelwe ngabafundi bakamatikuletsheni. 

“Uqala nje unyaka, ngiyakhuleka kubaholi emiphakathini ukuba sibambisane sonke silwele imfundo yezingane zethu. Nginxusa nabazali emakhaya ukuba bangazivumeli izingane zabo ukuthi zibe wumvanzi, zihambele nemicimbi, bese zikhohlwa yizincwadi zesikole.

“Isifiso sami wukuba kubuye isithunzi semfundo, izimpi zezigodi zingakapakeli ezikoleni. Noma kwenzekile kwaxabana abafundi esikoleni, abazali kufanele bangenelele ngokuxazulula, hhayi ukuthatha uhlangothi. Okwethu siwumasipala wukuba sixhase izingane zethu ngemali yokubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme kanye nangezinye izinsiza ezidingekayo,” kusho Sibisi. 

Lo mcimbi ubuhanjelwe ngabaholi bemikhakha eyahlukene okubalwa kubona noMnu Velenkosini Hlabisa, onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu kuzwelonke, obuye abe ngumongameli we-IFP.

UHlabisa wethule inkulumo yosuku okuyilapho khona encome amantombazane ngokuhamba phambili ekuthuthukisweni kwamakhaya, uma esethole imisebenzi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...