
I-AFRICAN Transformation Movement (ATM), ithi izoxhumana nabameli bayo ukubheka izinyathelo zomthetho engazithatha ukuphikisa isinqumo senkantolo, sokuchitha umbiko wophenyo oluzimele, olwathola uMengameli uCyril Ramaphosa (osesithombeni), ukuthi kumele aphendule ngesigameko sokwebiwa kwezizumbulu zamadola aseMelika epulazini lakhe, iPhala Phala.
Izolo ngoLwesithathu, iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape, inqume ukuthi iJaji uSandile Ngcobo nayebambisene nabo, kababanga nobulungiswa kuRamaphosa ngesikhathi behlanganisa lo mbiko owachithwa yiPhalamende ngevoti, ngaphambi kokuba iNkantolo yoMthethosisekelo inqume ukuwubuyisela ePhalamende.
INkantolo yoMthethosisekelo yayalela iPhalamende ukuba lisungule ikomidi elizophenya ukuthi kufanele yini uRamaphosa asuswe esikhundleni sakhe, ngemuva kwesimangalo esafakwa yi-ATM ne-EFF. URamaphosa unikele enkantolo yaseWestern Cape, efuna kuchithwe umbiko.
Isinqumo senkantolo sokuchitha umbiko weJaji uNgcobo, sichaza ukuthi kawusekho umsebenzi wekomidi lePhalamende eliqokelwe ukuphenya uRamaphosa, njengoba ukusungulwa kwalo kwakuphakanyiswe yiwona.
Umholi we-ATM, uMnu Vuyo Zungula, uthe isinqumo sayizolo enkantolo siwubufakazi bokuthi uRamaphosa ungaphezulu kwezinkantolo nomthetho. Uthe selokhu lwaqala ukuvela lolu daba, akukaze kube nophenyo oluqondile ukuthola amaqiniso ngalo.
“Sikhathazekile ngendlela inkantolo elubheke ngayo udaba. Umsebenzi weJaji uNgcobo kwakungekhona ukubheka ukuthi uRamaphosa unecala noma cha, kwakuwukubheka ukuthi akhona yini amathuba okuthi kwephulwa umthetho odabeni lwasePhala Phala. Bekumele iPhalamende livunyelwe ukuphenyisisa lezi zinsolo, ukuze kutholakale iqiniso ngalolu daba,” kusho uZungula esitatimendeni.
Uthi nakuba amajaji eqokwa ngumengameli, kodwa kumele aqinisekise ukuthi asebenza ngokungachemile, ngisho emacaleni athinta umengameli uqobo. Ngakolunye uhlangothi, iHhovisi likaMengameli neqembu lakhe i-ANC, bathe bayasemukela isinqumo senkantolo.
www.ilanganews.co.za







