Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

by | 14 June 2026

YIZITHOMBE ezithwetshulwe kwiVideo yesigameko esenzeka KwaNdengezi, ebonisa umshayeli we-Uber ehlaselwa ngonogada bamatekisi emigwaqweni (patrollers).

BAZOBUYELA enkantolo ngoLwesithathu abalisa abathathu abangabaqaphi bamatekisi emgwaqweni (patrolers) abasolwa ngokuhlasela umshayeli we-Uber KwaNdengezi, entshonalanga yeTheku, emasontweni edlule.

Isuse umsindo iVideo yesigameko esabalale ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala abasilisa abathile bevimba umshayeli wemoto encane, ohamba nabagibeli besifazane. Kuthiwa lab’ onogada babemisa le moto ngoba bethi kakumele ilayishe abantu kulo mzila, baze badubula isondo lemoto, ngaphambi kokuphipha bekhipha ngesankahlu abagibeli nomshayeli, bashaya umshayeli.

NgoLwesihlu abasolwa bebevele eNkantolo yeMantshi yasePinetown lapho befike benqatshelwa khona ibheyili. Ngokusho kwesitatimende soMnyango wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal, kunezinsolo zokuthi umshayeli we-Uber uke wathola ukwesatshiswa ngumnikazi wenkampani eqashe laba baqaphi, i-On Call Security, ethi makalesule icala.

Kuvele nokuthi uMkhuzi wamaPhoyisa esifundazweni uJenene Nhlanhla Mkhwanazi uthumele ithimba labaphenyi ukusebenza lolu daba. Kwenzeka lokhu nje, ezinyange ezedlule uMkhwanazi waxwayisa abaqaphi bamatekisi ngokuthi akumele bavimbe izimoto ezingawona amatekisi emigwaqweni, wathi umuntu unelungelo lokuhamba ngesithuthi afuna ukuhamba ngaso.

Umnyango unxuse nenhlangano ebhekelela ukusebensa konogada, iPrivate Security Industry Regulator Authority (PSiRA) ukuqinisa isandla ezisebenzini ezingaphansi kwayo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...