Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kwethulwe ogandaganda bokulima abawu-24 KwaZulu-Natal

Kwethulwe ogandaganda bokulima abawu-24 KwaZulu-Natal

by | 12 June 2025

NGUNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli noNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa onguNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni.


BASHUMAYELE ivangeli lobunye nokubambisana emiphakathini, kusetshenziswe inhlabathi ukuhlangabezana nezingqinamba ezidalwa wububha obuhlasele ezingxenyeni ezahlukene zeNingizimu-Afrika.

UNdunankulu uMnu Thami Ntuli ehambisana noNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa, onguNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, bethula ogandaganda abawu-24 eCedara College of Agriculture eHowick namuhla ngoLwesine. Laba abaholi badalule ukuthi le ngqalasizinda izokwabelwa zonke izifunda zakulesi sifundazwe.

UNtuli uthe inhloso yabo wukuba kuhlotshiswe isifundazwe ngokuluhlaza, okutshaliwe kuwona wonke amakhona aso.

“Sifuna ukuthi iKwaZulu-Natal ihlotshiswe yizitshalo ezitshalwe ngabantu bakithi. Njengoba sasithembisile singena ezintanjeni zokuhola lohulumeni ukuthi abantu sizobalethela ingqalasizinda, sesenza njalo manje,” kusho uNtuli.


UNkk Mandlopha-Mthethwa uthe bathenge nezimoto ezizosetshenziswa yizisebenzi zalo mnyango.

“Sinohlelo oluqondile lokugada izimoto zomnyango ukuthi zihamba kuphi, ngasiphi isikhathi. Sinxusa imiphakathi ukuba ibambisane nabaholi bendabuko ngoba iningi layo le ngqalasizinda izokwethulwa ezindaweni zamakhosi. Namakhansela aphethe ama-ward azokwazi ukufaka izicelo uma edinga imishini, ukuze kuzolinywa amasimu abantu,” kusho uMthethwa.

Ezisematheni

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

UMBHISHOBHI Sandile Ndlela, webandla iMethodist Church eNtuzuma, ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe uMkhonto weSizwe Party (MKP) athi uphethe iNational Religious Desk kulona, njengoba esanda kushiselwa umuzi. Uthi njengoba bekunomoya omkhulu izolo ngoMgqibelo,...

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

IKHALE ngokungabi nanembeza nokwedelela ngokudlwengulwa kwesisulu eduze kwethuna likayise, iMantshi uW.J.J Schutte, igweba “umalugaju” waseRichards Bay. Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko, ngesikhathi iNkantolo yesiFunda saseRichards Bay, igixabeza lo “malugaju” uSanele...