Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ezabagijimi 9 Benze kahle abasubathi bamabanga amade kwiHollywoodbets Joburg 10km

Benze kahle abasubathi bamabanga amade kwiHollywoodbets Joburg 10km

by | 18 October 2026

ABAGIJIMI bamabanga amade benze kahle bengena nabokuqala abalishumi kwiHollywoodbets Joburg 10km ngeSonto eNasrec, eGoli. Izingqwele zalo mjaho ophethe isiteki sika-R40 000 ngokuhlukana kobulili kube nguThabang Mosiako obevikela isicoco, kwathi uNeheng Khatala waseLesotho osubathela iHollywood Athletics Club wanqoba kwabesifazane.

UMosiako ushaye intambo ngesikhathi esiwu-30:53 elandelwa ngu-Edward “Slender” Mothibi obe ingqwele yeComrades Marathon ngo-2019. UMothibi wenze isikhathi esiwu-30:51 kwathi uRebaone Obotseng walala isithathu. Nakwabesifazane bathathu abagijimi bamba-ultra abangene nabokuqala abalishumi, okungu-Irvette van Zyl oqophe u-35:17 engena unombolo 3, elandelwa yindlovukazi yeComrades neTwo Oceans Marathon ngokwehlukana, uGerda Steyn. UDikeledi Majara ongene unombolo 8 kwiComrades Marathon yalo nyaka, uthathe indawo yesihlanu.

UMothibi utshele abezindaba ukuthi amabanga amafushane ayabasiza ukuba nesivinini. Uthe iComrades yamanje ishintshe kakhulu, idinga nesivinini ukuze ukwazi ukumelana nezingane ezifike zawushintsha kakhulu lo mjaho.

“Ngiwuthokozela kakhulu lo mjaho yize unezintaba. Bengingekho qatha ngokwanele kodwa ngithe kangize ngizokuba yingxenye yabasubathi abawu-12 000. Bengize kulo mjaho ukuzojabula nabantu besifazane. Okunye engikuthanda ngawo ukuthi u-60% wabasubathi abebeyingxenye yawo ngabesifazane,” kusho uGerda.

Uqhube wathi ngesonto elizayo uzokube eyingxenye ye-Absa Run Your City Mangaung.

“Ngijabula kakhulu ngokuba yingxenye ye-Absa yaseMangaung okuyindawo engazalelwa kuyona. Ngizokube ngiqala ukugijima eFree States phambi kwabangani bami. Isifiso sami ukuba nomjaho omuhle ngeSonto elizayo eMangaung,” kusho uGerda.

*Isiyonke imiphumela yalo mjaho ihambe kanje:
Kwabesilisa: 1.Thabang Mosiako 30:43, 2.Edward Mothibi 30:51, 3.Rebaone Obotseng 30:51, 4.Poloko Maphunye 30:54, 5.Siyabonga Ndlovu 31:11, 6.Leslie Mokoena 31:18, 7.Stephen Mokoka 31:29, 8.Sibusiso Msibi 31:41, 9.Joshua Phoalana 31:48, 10.Tebogo Segalagala 31:57.
Kwabesifazane:1.Neheng Khatala 33:40, 2.Emma Brown 35:04, 3.Irvette van Zyl 35:17, 4.Gerda Steyn 35:42, 5.Dikeledi Mjara 35:52, 6.Ntsoaki Molahloe 37:31, 7.Rachel Wanjiku 37:48, 8.Mapaseka Makhanya 37:52, 9.Rutendo Nyahora 38:59, 10.Isabel Dicks 39:18.

Ezisematheni

Uthenjiswa umsebenzi ofike eMabhida efake ijazi lemfundo

Uthenjiswa umsebenzi ofike eMabhida efake ijazi lemfundo

“AKUBANGA lula ukungena enkundleni ngigqoke iminyezane yami yemfundo noqwembe lokucela umsebenzi ngoba baningi abebesho abakuthandayo, bengedelela, kodwa kangibanakanga ngoba bengizitshelile ukuthi kungenzeka kube khona ozokwazi ukungisiza.” Usho kanje uMnu Sibonelo...

Ezinhle kuRoma kwelulama umholi wawo

Ezinhle kuRoma kwelulama umholi wawo

KUBE yinjabulo kumalungu ebandla lamaRoma aKhatholika umhlaba wonke, umholi wawo omkhulu uPope Leo XIV ededelwa esibhedlela izolo ngoMgqibelo ngemuva kokuhlinzwa. UPope Leo ubelaliswe esibhedlela i-Agostino Gemelli University Hospital esiseRome, lapho ahlinzwe khona...

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UVUKWE yisibibithwane, wafikelwa yisiyezi  uNobhala Jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo. Inkantolo ivune iqembu lakhe ngokubhaliswa kwamagama okumele abesohlwini lwalabo abagaqele...