Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uthenjiswa umsebenzi ofike eMabhida efake ijazi lemfundo

Uthenjiswa umsebenzi ofike eMabhida efake ijazi lemfundo

by | 18 October 2026

“AKUBANGA lula ukungena enkundleni ngigqoke iminyezane yami yemfundo noqwembe lokucela umsebenzi ngoba baningi abebesho abakuthandayo, bengedelela, kodwa kangibanakanga ngoba bengizitshelile ukuthi kungenzeka kube khona ozokwazi ukungisiza.”

Usho kanje uMnu Sibonelo Masoka (24), ongowokudabuka eMnambithi, obesematheni ngempelasonto eyedlule, ebonakala enkudleni yezemidlalo iMoses Mabhida, edlubhe ijazi lakhe lemfundo, ephethe noqwembe oluveza ukuthi udinga umsebenzi, ngesikhathi kudlala owamanqamu weMTN8, phakathi kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.

UMasoka, ophothule izifundo zeBA Honours in Cultural and Heritage Tourism, e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) ngo-2024, uthi ngemuva kwalesi senzo sakhe, kuyathembisa ohlangothini lwezemisebenzi.

Elandisa leli phephandaba ngokuholele ekutheni abonakale eMabhida nejazi uthe: “Ngemuva kokuphothula izifundo zami, ngibe nenkinga njengoba bese kufanele ngizame indlela yokuphila, kwazise nendawo engiqashe kuyo lapha eThekwini imba eqolo, ikakhulu uma kungekho lapho osebenza khona.

“Impilo kayilula, ngiphila ngokubamba amatoho. Ekhaya kusebenza umfowethu oyedwa kuphela, umama usehola impesheni. Ngempelasonto nginqume ukugqoka ijazi lami lemfundo, nginikele eMabhida. Engizitshele khona wukuthi njengoba kuza izinkumbi zabalandeli, kungenzeka ngithole ozongisiza ngomsebenzi,” esho.

Uthi esefikile enkundleni akubanga lula ukungena, njengoba bekukhona ababemdelela ngalesi senzo sakhe. Uthi kusukela ngempelasonto ziningi izingcingo zabafisa ukumsiza asezitholile.

“Sengingenile enkundleni ngihambele izindawo eziningi ngaphakathi ngenhloso yokuzimaketha kubantu. Ngikholwa wukuthi lokho kungisebenzele ngoba baningi abangifonelile, bethembisa ukungisiza.

“Ngikhuluma nawe nje, kukhona abane asebengithembise umsebenzi. Iningi labafonayo liseGoli naseMpumalanga. Bekungekho lula ukwenza lokhu kodwa umvuzo sengiyawubona. Nakuba kungekho engisakusayinile, kodwa nginethemba elikhulu lokuthi izinto zizogcina zihlangene,” esho.

Ezisematheni

Ezinhle kuRoma kwelulama umholi wawo

Ezinhle kuRoma kwelulama umholi wawo

KUBE yinjabulo kumalungu ebandla lamaRoma aKhatholika umhlaba wonke, umholi wawo omkhulu uPope Leo XIV ededelwa esibhedlela izolo ngoMgqibelo ngemuva kokuhlinzwa. UPope Leo ubelaliswe esibhedlela i-Agostino Gemelli University Hospital esiseRome, lapho ahlinzwe khona...

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UVUKWE yisibibithwane, wafikelwa yisiyezi  uNobhala Jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo. Inkantolo ivune iqembu lakhe ngokubhaliswa kwamagama okumele abesohlwini lwalabo abagaqele...

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

OSOMABHIZINISI bathembise ukutshala imali engu-R124.5 billion kwaZulu-Natal ngesikhathi benza izethembiso kwingqungquthela, iKZN Investment Conference ebise Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, ngoLwesine. Lezi zindaba zivele kwingqungquthela...