
KUBE yinjabulo kumalungu ebandla lamaRoma aKhatholika umhlaba wonke, umholi wawo omkhulu uPope Leo XIV ededelwa esibhedlela izolo ngoMgqibelo ngemuva kokuhlinzwa. UPope Leo ubelaliswe esibhedlela i-Agostino Gemelli University Hospital esiseRome, lapho ahlinzwe khona ngesikhathi elashelwa umdlavuza wamaphaphu.
Ngokusho kukadokotela uDkt Stefano Margaritora, ukwelashwa kukaPope kuhambe kahle kakhulu, kangangoba angase alulame zingakapheli izinsuku eziyishumi. Uveze ukuthi akaboni ukuthi ukuhlinzwa kwakhe kuzoluphazamisa uhambo lwakhe oluya eSouth America ngenyanga ezayo.
“Ngesikhathi sokudedelwa kwake uPole Leo, ubesesimweni esigculisayo. Imiphumela yokuhlolwa kwegazi lakhe ikhombise ukuthi konke kuhamba kahle, kanjalo nokushaya kwenhliziyo. Nokusebenza kwephaphu ebelinomdlavuza kubonakala kuhamba kahle kakhulu, besingasekho isidingo sokumgcina esibhedlela,” kusho uDkt Margaritora.







