Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

UMbalula ufikelwe yisibibithwane nesiyezi i-ANC ivunwa yinkantolo

by | 16 October 2026

UVUKWE yisibibithwane, wafikelwa yisiyezi  uNobhala Jikelele we-ANC, uMnu Fikile Mbalula ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, ngemuva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo. Inkantolo ivune iqembu lakhe ngokubhaliswa kwamagama okumele abesohlwini lwalabo abagaqele izikhundla zobukhansela okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuNovember nonyaka.

UMbalula ozwakalise ukujabula ngalesi sinqumo ekhuluma nabezindaba, ushaqise abaningi ezwakala efikelwa yisibibithwane, abaningi abasithathe njengezinyembezi zenjabulo ngesinqumo sale Nkantolo eNkulu eNingizimu Afrika.

Kuthe kusenjalo esazama ukuphendula umbuzo wentatheli, wazwakala sengathi uphelelwa ngamandla, waveza ukuthi akasekho esimweni esikahle, wabe eseshona phansi. Yilapho kube sekunxuswa abezindaba ukuba bahoxise ukuqopha futhi bahloniphe isimo sikaMbalula sokungabi sesimweni esikahle ngokwempilo. Kube sekubizwa abezimo eziphuthumayo ukuba bayomhlenga.

Kuzokhumbuleka ukuthi i-ANC yakhala ngobuhixihixi bakwa-IEC ngesikhathi kuvela ukuthi kunohlu lwamagama awu-181 angakwazanga ukubhaliswa, ngaphambi kwesikhathi somnqamulajuqu.

Ngaleso sikhathi i-IEC yazichitha izinsolo zobuhixihixi, yathi leli qembu lafaka amagama sekudlule isikhathi nokusho ukuthi lolu hlu, ngeke lusaba yingxenye yalolu khetho.

Ngenxa yalesi sinqumo se-IEC, i-ANC yababela kule nkantolo ngenhloso yokuthola ubulungiswa. Nebala izolo ngoLwesine le nkantolo, ikhiphe isinqumo esivuna i-ANC, okuyisinqumo esijabulise amalungu aleli qembu ikakhulukazi lawo asezindaweni ezithintekayo okubalwa kuzo
i-Eastern Cape naKwaZulu-Natal.

USihlalo we-IEC uMnu Mosotho Moepya uthe bayasamukela isinqumo sale nkantolo, wathi sisho ukuthi sekumele bashicilele kabusha amaphepha abo anala magama alolu hlu kulezo zindawo ezithintekayo.

Ezisematheni

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

Osomabhizinisi bazotshala u-R124 billion eKZN

OSOMABHIZINISI bathembise ukutshala imali engu-R124.5 billion kwaZulu-Natal ngesikhathi benza izethembiso kwingqungquthela, iKZN Investment Conference ebise Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre, ngoLwesine. Lezi zindaba zivele kwingqungquthela...

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

Abahlala emgaqweni bafuna ukuphathiswa okwabantu

ABAHLALA emgaqweni bakhala ngokushaywa amaphoyisa kaMasipala weTheku ngisho bengenze lutho uma ebafica belele emgaqweni yize kwaziwa ukuthi abanazo izindawo zokuhlala. Lokhu bakuveze esikhungweni esibabhekelela ngokudla nezinye izidingo iDenis Hurley, eThekwini...

Kalikho iqembu elizobusa uMasipala weTheku lodwa – ucwaningo

Kalikho iqembu elizobusa uMasipala weTheku lodwa – ucwaningo

KALIKHO iqembu elizowina udede, liphathe lodwa kuMasipala weTheku okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kuvezwe wucwaningo oluqhutshwa yiMark Data Poll, olucwaninga ngemiphumela yalolu khetho komasipala abahlukene. Ucwaningo...