Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ubophele abanohlonze umjaho wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane

Ubophele abanohlonze umjaho wokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane

by | 5 July 2025


INGQWELE yeComrades Marathon amahlandla amathathu, enamagolide awu-12 kwiComrades Marathon, uBongumusa Mthembu uzokube eyingxenye yeSA Men Run 10km ehambisana ne-5km, ozokuba kusasa ngeSonto kusuka ngo-7 ekuseni eKings Park Athletics Stadium, eThekwini.

Lo mjaho ugubha unyaka wesithathu wasungulwa kanti inhloso yawo wukulwisana nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane. UBig Mike, ongomunye wabadidiyeli balo mjaho, uthe konke sekumi ngomumo, sebelinde usuku lo mjaho.


“Izinto zihamba kahle kakhulu kanti sijabule ngesibalo sabasubathi esibatholile kulo nyaka. Ngingakuqinisekisa ukuthi ingqwele yanyakenye uSibusiso Kubheka uzokube ekhona. Ukuba khona kukaMthembu kusijabulise kakhulu.

“Sinethemba lokuthi kuzokwenziwa izikhathi ezinhle kulo nyaka ngenxa abasubathi esibatholile banohlonzo, lokho kusinika ithemba,” kusho uBig Mike, weVuma FM.

Uqhube wathi ucela abantu besilisa ukuba babe yingxenye yezemidlalo ukuze bahlale beyimiqemane. Kuthiwa umuntu wesilisa ozihlanganise nezemidlalo akanaso isikhathi sokuhlukumeza.


Lo mjaho ILANGA eliyingxenye yawo ungenelwe nangungqongqoshe wezemidlalo wesifundazwe uMntomuhle Khawula, uSihle Zikalala oke waba ngundunankulu wesifundazwe nabanye.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...