Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Wethiwe ngowayeyimeya umqhudelwano wokuhlungela amaSalga Games eMfolozi

Wethiwe ngowayeyimeya umqhudelwano wokuhlungela amaSalga Games eMfolozi

by | 26 September 2025

ISIYABONGA Sangweni Sports Complex, eDondotha, KwesakwaMthethwa, izosingatha imidlalo yeMfolozi Mayoral Cup kule mpelasonto, ebizwa ngokuthi iBV Mthethwa Tournament.

Lo mqhudelwano ngowokukhetha isikwati saseMfolozi esizokuba yingxenye yeKing Cetshwayo Mayoral Cup, lapho kuzokube kukhethwa isikwati esizokuya kumaSalga Games.

Umqhudelwano wanonyaka wokuhlonipha uBV Mthethwa, obeyimeya yaseKing Cetshwayo isabizwa ngoThungulu Municipality, izoqala namuhla ngoLwesihlanu, kuthi eyamanqamu ibe ngeSonto. Le nkundla yaseDondotha iqanjwe ngoSiyabonga “Nsimbi” Sangweni, ongomunye wabadlali abavundululwa emidlalweni yamaSalga.

Lo mqhudelwano uhanjelwa yizithunywa zamakilabhu amakhulu kuleli, ukuyohlonza ikhono. Ukwethiwa kwalo mqhudelwano ngoMthethwa kuqinisekiswe yimeya yaseMfolozi uXolani Bhengu ngesikhathi wethulwa ngokusemthethweni ngoMsombuluko.

“UMthethwa ubambe elikhulu iqhaza ekuthuthukiseni ezemidlalo kule ndawo. Sikhethe ukubiza lo mqhudelwano ngegama lakhe ukuze iqhaza lakhe lingafadalali emphakathini,” kusho uBhengu.

Kulo mqhudelwano kuzokube kugaduliswana kwezemidlalo ezahlukene okuhlanganisa ibhola lezinyawo, iNetball, iVolleyball, iTennis, ezokugijima, nama-Indigenous Games neminye.

AmaSalga Games azokuba ngoZibandlela (December) eMgungundlovu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...