Ilanga News
Home 9 Featured 9 ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

by | 23 October 2026

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu.

Lokhu kuvele ngesikhathi ichweba laseThekwini libize abezindaba ukuzodalula amathuba akhona nomsebenzi owenziwa kuleli chweba. Ithe maningi amathuba okuqashwa kwabantu echwebeni laseThekwini futhi mningi kakhulu umsebenzi owenziwayo njengoba kungavalwa futhi kusetshenzwa ubusuku nemini zonke izinsuku. Bathe ngenxa yobuningi bomsebenzi akulula ukuthi kube nesikhathi sokuvala njengoba ngisho ngamaholidi kusuke kusetshenzwa. Ukuphumuza abasebenzi bathi bangena amashifu kodwa asikho isikhathi ongafika khona kungasetshenzwa.

Imeneja yechweba laseThekwini, uMnu Prince Manganyi, ithe umsebenzi wabo ukuhambisa impahla kwamanye amazwe baphinde bamukele efikayo kusetshenziswa imikhumbi nezitimela.

Echwebeni laseThekwini bathe bamukela izimoto ezilinganiselwa ku-700 000 kuya phezulu ngonyaka.

“Sisebenzisana nezinkampani eziningi ezisuke zithenge izimoto kwamanye amazwe kanjalo nezihambisa izimoto kwamanye. Siyaziqhenya ngokuthi kunezimoto ezakhiwa eNingizimu Afrika ziyiswe kwamanye amazwe njengeBMW X3, Ford Ranger nezinye. Kumanje sisezingxoxweni neMahindra efuna ukuba nendawo yayo esezingeni ukuthi yakhele kuyona izimoto la eNingizimu Afrika. Kumanje banayo indawo abazakhela kuyona kodwa bakhala ngokuthi ayikho ezingeni abalidingayo,” esho.

Imeneja ebhekelela imisebenzi eyenzeka ngaphakathi echwebeni, uMnu Mondli Shozi, ithe imikhumbi yabo ilayisha izimoto ezingu-3000  kuya ku-4000 ngesikhathi.

“Uma umkhumbi uhambe nezimoto ezingu-3000 kuyenzeka ubuye nezingu-4000. Okusho ukuthi ngohambo olulodwa lokuya nokubuya sisuke sesithuthe  izimoto ezingu-7000. Lokhu kungumsebenzi omningi ngoba sisuke sigade nokuthi izimoto zingalimali. Ichweba likwazi ukugcina izimoto ezingu-12 500 ngesikhathi. Ngokunjalo nezinkampani esisebenzisana nazo asizikhokhisi ngokugcina izimoto zazo echwebeni,” esho.

Baveze ukuthi maningi namathuba okuqashwa echwebeni okuyinto asebezokwenza isiqiniseko ukuthi ifinyelela kubantu ngaso sonke isikhathi. Bathe ayikho inkampani abanesivumelwano nayo kwabezindaba ukudalula konke okwenzeka echwebeni kodwa bazimisele ukusebenzisana nabezindaba ukuze umphakathi ungasali kukhona konke okwenzekayo kwaTransnet.

tndlovu@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...