Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ezibuhlungu kojokhi kubhuntsha iHarry Gwala Summer Cup

Ezibuhlungu kojokhi kubhuntsha iHarry Gwala Summer Cup

by | 19 November 2025

YIZINDABA ezibuhlungu kubadlali bamahhashi asemakhaya ukubhuntsha kweHarry Gwala Summer Cup obekufanele ibe ngoMgqibelo eKilimon, e-Underberg.

Lona ngomunye wemijaho yokutelebhela yasemakhaya ekhula ngesikhulu isivini. Uhlelwa wuMyango wezeMidlalo KwaZulu-Natal ngokubambisana noMasipala wesiFunda iHarry Gwala, nomasipala wendawo iDkt Nkosazana Dlamini Zuma.

Ukuhoxa kwalo mjaho kuthiwa kube yisinqumo esithathwe ngabe-Underberg Farmers Association, ngoba besabela ukubhebhetheka kwesifo samatele (Foot and Mouth Desease (FMD), esihlasele kwezinye izifunda.

Ukubhuntsha kwalo mjaho kuphazamise izinhlelo zojokhi abaningi abebethembe ukuthi bazokuba noKhisimusi omuhle ngamali abazoyenza kuwona.

UZakhele Mkhabela onqobe iDundee July neKing Cetshwayo Rural Horse Racing, uthe uphoxeke kakhulu ngokuhoxiswa kwalo mjaho.

“Bengizimisele ukuwunqoba. Ngibuhlungu ngokungabi khona kwayo. Abaphathi bethu babe ngamagwala. Sigijimile e-Eastern Cape ngeledlule sivele sikhona lesi sifo samatele. Sengizokhalela emjahweni waseDumbe ozokuba ngelizayo. Inkinga ukuthi umjaho waseDumbe mncane uma uwuqhathanisa neHarry Gwala,” kusho uMkhabela.
UNgqongqoshe wezeMidlalo esifundazweni uMntomuhle Khawula uthe babuhlungu ngokungabi khona kwalo mjaho. Uthe kube isinqumo esithathwe yizinhlaka eziningi ezahlukene.

Uthe inhloso yabo wukubhekelela impilo yamahhashi. Uthi bewumnyango bazoqhubeka nokuyeseka imijaho yamahhashi yasemakhaya.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...