Ilanga News
Home 9 Ezemali Featured 9 Uthi usekulangazelele ukudlalela ikilabhu enkulu oyanyaniswa nePirates

Uthi usekulangazelele ukudlalela ikilabhu enkulu oyanyaniswa nePirates

by | 13 June 2025

UGWEMA ukugagula igama le-Orlando Pirates akhonjwa kuyona uSinoxolo Kwayiba (25) okuvela ukuthi usesemabhukwini amaBhakaniya.


UKwayiba udlala esiswini kwiChippa United nakwiBafana Bafana. Ujoyine iChippa United ngo-2022-2023 esuka kwiPretoria Callies egijima kwiMFC. Selokhu efike kwiChippa udlala ibhola elisezingeni eliphezulu.


Kuvela ukuthi bekuyisizini yakhe yokugcina le edlule kwiChippa njengoba ekhonjwa kwiPirates.
Lo mdlali ebuzwa ngekusasa lakhe uthe: “Masethembe ukuthi le ndaba yokujoyina (kwami) ikilabhu enkulu izokwenzeka, ngihlalele ethembeni.  


Ngikulangazelele ukudlalela ikilabhu enkulu bese ngiya phesheya, lelo yiphupho lami engikholwa wukuthi lizofezeka.
“Ngeke ngikwazi ukusho igama lekilabhu engingase ngidlale kuyona ngesizini ezayo kodwa kona kungenzeka ngidlale kwenye yalawa amathathu amakhulu akuleli,” esho.

Ezisematheni

Indida uLosi ekhethwa njengonobhala-jikelele weCosatu

Indida uLosi ekhethwa njengonobhala-jikelele weCosatu

NGUMNU Mike Shingange onguMengameli omusha weCosatu. KUQUBUKE ukudideka kwabaningi ngesikhathi uZingiswa Losi, obengumengameli weCosatu, esekhethwa ebangunobhala-jikelele, walo mfelandawonye wezinyunyana. Engqungqutheleni yeCosatu yezinsuku ezintathu ephothulwe...

Uyalelwe ukuthi aphumule uZuma ekhishwa esibhedlela

Uyalelwe ukuthi aphumule uZuma ekhishwa esibhedlela

NGEMUVA kwesonto lonke, elaliswe esibhdlela iSt Anne's, ePietermaritzburg, uMengameli weMK Party, nowakewaba nguMengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma, ugcine ekhishiwe esibhedlela. Ukhishwe ngoLwesibili, ekuseni, kanti kuthiwe akayophumula emzini wakhe KwaDakwadunuse,...