Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ibhola 9 Ezimnandi ekhempini yeChiefs ngezinduku ezintsha

Ezimnandi ekhempini yeChiefs ngezinduku ezintsha

by | 12 August 2025

NGUMDLALI weKaizer Chiefs u-Ethan Chislett.


KUVELA izindaba ezimnandi ekhempini yeKaizer Chiefs ngabadlali bayo abebengakabonakali selokhu kuqale le sizini, uPule Mmodi obesesigwebeni samakhadi no-Ethan Chislett osewatholile amaphepha okugijima kuleli.

Lezi zindaba ziqinisekiswe nguCedric Kaze ongumsizi kaNasreddine Nabi ongumqeqeshi weChiefs, othe bazoya emhlaleni weBetway Premiership nePolokwane City ngo-19h30 eFNB Stadium, eSoweto, sebehlome nxa zonke.

“UMmodi obengekho ngenxa yamakhadi uzobe ekhona kanti amaphepha kaChislett asefikile, naye usekulungele ukudlala. NoPaseka Mako naye uyabuya ngemuva kokuba odokotela bethe usesesimweni esihle. Siya kulo mdlalo wakusasa isimo sethu sisihle kakhulu,” esho.

IChiefs ivule isizini ngokunenebula iStellenbosch FC ngo-2-0 ekuhambe ngeSonto ntambama.

Ezisematheni

I-DA iphonsa ithawula ngomasipala abakhulu eGauteng

I-DA iphonsa ithawula ngomasipala abakhulu eGauteng

I-DEMOCRATIC Alliance ithi ikulungele ukuba yiqembu eliphikisayo komasipala engatholanga kubona amavoti enele ukuphatha ngokuzimela okhethweni lohulumeni basekhaya, obelusekuqaleni kwale nyanga. Lokhu kushiwo nguNkk Hellen Zille (osesithombeni), iDA ebifolosa ngaye...

Amatomu asekwi-ANC ngobuholi bukaMasipala weTheku

Amatomu asekwi-ANC ngobuholi bukaMasipala weTheku

SELIDUMELA emasumpeni ngezingxoxo zokwakha uhulumeni wenhlanganisela eThekwini. Kusasa ngoLwesibili kuzobe kufungiswa amakhansela awu-223, azoba yingxenye yalo mkhandlu, bese kuqokwa izikhulu zawo okuyimeya, yiphini lemeya nosomlomo. Kusukela kuqale izingxoxo...

INkosi Albert Luthuli yachazeka ngoPhumzile Mlambo-Ngcuka

INkosi Albert Luthuli yachazeka ngoPhumzile Mlambo-Ngcuka

UMENGAMELI we-African National Congress (ANC), owaba ngowukuqala e-Afrika ukuklonyeliswa ngendondo yeNoble Peace Prize, iNkosi u-Albert Luthuli, ngo-1962 kuthiwa wake wavakashela umuzi kaMnu Michael Boy Mlambo, owayenguthisha eClermont, entshonalanga yeTheku. UMlambo...