Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ezinhle nezimbi kubashayeli bezimoto ngo-petrol

Ezinhle nezimbi kubashayeli bezimoto ngo-petrol

by | 17 November 2024

BHEKI NDLOVANA 

IZINDABA ezimnandi nezinhle kubanikazi bezimoto njengoba kubikezelwa ukuthi intengo kaphethiloli ingase yehle ngoDecember, kodwa ngeshwa ekadizili yona kulindeleke ukuba yenyuke. 

ICentral Energy Fund (CEF), iveze ukuthi intengo kaphethiloli kungenzeka yehle ngo-5c elitheni (Petrol 95) no-6c elitheni (Petrol 93). 

Intengo kadizili yona kuvela ukuthi kungenzeka yenyuke ngokuphakathi kuka-40c no-38c ilitha. Ekapharafini kuvela ukuthi kungenzeka yenyuke ngo-39c elitheni. Nokho lokhu kusengaguquka njengoba inyanga isephakathi. 

Ngokuvamile uMnyango wezaMandla neziMbiwayo uye umemezele intengo ekupheleni kwenyanga, intengo entsha iqale ukusebenza ngoLwesithathu lokuqala enyangeni. Intengo yomphongolo kawoyela ongahluziwe ezimakethe zomhlaba namandla erandi – uma liqhathaniswa nedola lase-USA – yikhona okuba nomthelela omkhulu oguqukweni lwentengo yale mikhiqizo kawoyela. 

Okuqaphelekayo wukuthi kusukela ngemuva kokhetho lwase-USA – lapho kunqobe khona uMnu Donald Trump, weRepublican Party, ehlula uNkk Kamala Harris weDemocratic Party – irandi libonakale lehlelwa ngamandla. Ngakolunye uhlangothi, intengo yomphongolo kawoyela ongahluziwe yona ibonakala yenza kangcono njengoba yehlile. 

Kuzokhumbuleka ekuqaleni kwale nyanga,  intengo kaphethiloli yenyuke ngo-25c elitheni; ekadizili yenyuke ngokuphakathi kuka-20c no-21c kanti ekapharafini yenyuke ngo-21c. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...