Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 I-ANC emkhankasweni wokubuyisa amalungu ashiya

I-ANC emkhankasweni wokubuyisa amalungu ashiya

by | 16 June 2025

WETHULWE ngokwamukela amalungu amasha abalelwa ku-200 umkhankaso we-ANC obizwa ngokuthi Operation Asiye Ekhaya emcimbini obuseMtshezi maphakathi neKwaZulu Natal ngeSonto.

Lo mkhankaso waleli qembu uhlose ukubuyisa amalungu aasafudukela kwamanye amaqembu ezepolitiki.

Lo mcimbi obuseMtshezi ubuholwa yilungu lesigungu esiphezulu saleli qembu uMnu Senzo Mchunu ophinde abe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli.

Ekhuluma kulo mcimbi uMchunu ucashunwe kwiTimesLive ethi kulesi sifundazwe i-ANC yehlelwa kakhulu ngabavoti okhethweni olwedlule njengoba yagcina ithola angu-17% nokuyisibalo esincane kakhulu uma kuqhathaniswa ezinkethweni zangaphambilini.

UMchunu uthe bakhethe ukwethula lo mkhankaso ngenxa yokuthi bafuna ukuguqula amatafula ngokubuyisa wonke amalungu e-ANC ashiya ajoyina amanye amaqembu.

Uqhube ngokuthi i-ANC isengakwazi ukuhola uhulumeni ngaphandle kwalona okhona ohlanganisa amanye amaqembu. “Isimo isona esasiphoqa ukuthi sigcine siba nohulumeni ahlanganisa amanye amaqembu.

I-ANC yalahlekelwa yizigidi zamalungu ajoyina amaqembu okubalwa kuwo i-EFF naleli elisanda kusungulwa i-MK Party eholwa uMnu Jacob Zuma,” kucashunwa uMchunu enezela ngokuthi ukulahlekelwa ngamalungu amangaka kunomthelela omubi eqenjini.

Maningi namanye amaqembu azitomulela amalungu kwi-ANC okubalwa kuwo-UDM neCOPE.

NgeSonto uMchunu wamukele amalungu awu-200 aqhamuka emaqenjini ahlukene okubalwa kuwo-MK Party neNFP.

UMchunu uthe indawo yaseMtshezi inomlando obalulekile kwi-ANC njengoba yilapho kudabuka khona uMnu Josaih Gumede oke waba ngumengameli wayo. Uthe i-ANC yilona qembu elinohlelo oluqondile lokufukula umnotho wezwe.

Ezisematheni

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

NGUMENGAMELI wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa nowaseZimbabwe uMnu Emmerson Mnangagwa. UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa, usenguSihlalo weSouthern African Development Community (SADC). Uqokelwe kulesi sikhundla ngoMsombuluko, ethatha izintambo...

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

USEPHAWULE okokuqala uDuduzane Zuma ngokuqokwa kwakhe ukuba yiphini lokuqala likaMengameli weMK Party. Leli qembu lenze izinguquko emasontweni edlule, lakhipha ezikhundleni abantu abebethathwa njengezinsika zayo, uMnu Nathi Nhleko noDkt John Hlophe. UDuduzane,...