Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 I-ANC emkhankasweni wokubuyisa amalungu ashiya

I-ANC emkhankasweni wokubuyisa amalungu ashiya

by | 16 June 2025

WETHULWE ngokwamukela amalungu amasha abalelwa ku-200 umkhankaso we-ANC obizwa ngokuthi Operation Asiye Ekhaya emcimbini obuseMtshezi maphakathi neKwaZulu Natal ngeSonto.

Lo mkhankaso waleli qembu uhlose ukubuyisa amalungu aasafudukela kwamanye amaqembu ezepolitiki.

Lo mcimbi obuseMtshezi ubuholwa yilungu lesigungu esiphezulu saleli qembu uMnu Senzo Mchunu ophinde abe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli.

Ekhuluma kulo mcimbi uMchunu ucashunwe kwiTimesLive ethi kulesi sifundazwe i-ANC yehlelwa kakhulu ngabavoti okhethweni olwedlule njengoba yagcina ithola angu-17% nokuyisibalo esincane kakhulu uma kuqhathaniswa ezinkethweni zangaphambilini.

UMchunu uthe bakhethe ukwethula lo mkhankaso ngenxa yokuthi bafuna ukuguqula amatafula ngokubuyisa wonke amalungu e-ANC ashiya ajoyina amanye amaqembu.

Uqhube ngokuthi i-ANC isengakwazi ukuhola uhulumeni ngaphandle kwalona okhona ohlanganisa amanye amaqembu. “Isimo isona esasiphoqa ukuthi sigcine siba nohulumeni ahlanganisa amanye amaqembu.

I-ANC yalahlekelwa yizigidi zamalungu ajoyina amaqembu okubalwa kuwo i-EFF naleli elisanda kusungulwa i-MK Party eholwa uMnu Jacob Zuma,” kucashunwa uMchunu enezela ngokuthi ukulahlekelwa ngamalungu amangaka kunomthelela omubi eqenjini.

Maningi namanye amaqembu azitomulela amalungu kwi-ANC okubalwa kuwo-UDM neCOPE.

NgeSonto uMchunu wamukele amalungu awu-200 aqhamuka emaqenjini ahlukene okubalwa kuwo-MK Party neNFP.

UMchunu uthe indawo yaseMtshezi inomlando obalulekile kwi-ANC njengoba yilapho kudabuka khona uMnu Josaih Gumede oke waba ngumengameli wayo. Uthe i-ANC yilona qembu elinohlelo oluqondile lokufukula umnotho wezwe.

Ezisematheni

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

USESULILE emaphoyiseni uSergeant Fannie Nkosi olokhu agcinwa esitokisini kusuka ngoNdasa (March) nonyaka ngamacala ehlukene. Okhulumela amaPhoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukwesula kukaNkosi kodwa wathi asikho isinqumo esesithathiwe...

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...