Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kukhalwa ngokwebiwa kwemfuyo iweliswe imingcele yakuleli

Kukhalwa ngokwebiwa kwemfuyo iweliswe imingcele yakuleli

by | 9 July 2025


BULENGELA eweni ubudlelwano bezakhamizi zamazwe amathathu ngenxa yokwanda kwezigameko zokuntshontshwa kwemfuyo okwenzeka ezindaweni ezigudle imingcele yalawa mazwe.

Sekuyisikhathi eside kukhalwa ngobugebengu bokwebiwa kwezinkomo eMozambique. AbaseSwazini bona bakhala ngokuntshontshelwa izinkomo nezimbuzi. Nabakuleli, engxenyeni egudle umngcele welaseSwazini nelaseMozambique, baveza ukuthi kudala baqala ukuhlaliswa lubhojozi ngabantu abavela ngaphandle, ababantshontshela impahla yasezibayeni zabo.

NgoMsombuluko bekuhlangane izinhlaka zezomthetho eziphuma kulawa mazwe ngenhloso yokubhunga ngekhambi lale nkinga.

“Kunabantu abaphuma kuleli, bangene eSwazini, bethi bayontshontsha izinkomo zeNgonyama Mswati III ngoba iyisigwili. Umbuzo okhona owokuthi noma ngabe uyisigwili uMswati, kufanele yini ukuthi kuntshontshwe impahla yakhe? Okubi wukuthi kwabona labo bantu abenza lokho bagcina sebethatha izinkomo nezimbuzi zabantu.

“Abanye bakuleli bemukela izinto ezintshontshiwe, babuye bazilande bona eMozambique ngoba bethi bafuna ukuthi uhulumeni wakhona ukhulule izimoto zabantu bakuleli, okusolakala ukuthi zidunwa zifakwe ngaphakathi eMozambique,” kusho umthombo obuyingxenye yomhlangano.


UMnu Joseph Ngubane, ongusihlalo wekomidi lezokuphepha eMkhanyakude, uthe sekusungulwe ikomidi elizoba wuhlaka lwezokuxhumana, kusetshenziswane ngenhloso yokuba kutholakale ikhambi kule nkinga. Ikomidi elakhiwe lihlanganisa izikhulu zamaphoyisa aseSwazini, awaseMozambique nawakuleli.

“Muva nje ukubambisana esinakho kuholele ekutheni kutholakale omunye umhlambi wezinkomo okuvele ukuthi untshontshwa ngabathile kulawa mazwe. Okuhle ngenkomo yaseSwazini wukuthi inophawu (lwehawu) okungelula ukulucisha futhi uma sebefikile, belandela izinkomo zabo, bathatha lonke uhlobo lwenkomo abahlangana nalo,” kusho uNgubane.

NGUMNU Joseph Ngubane ongusihlalo wekomidi lezokuphepha eMkhanyakude.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...