Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuzocaca ngokuqulwa kwelibhekene nothishanhloko kwelikaFaith

Kuzocaca ngokuqulwa kwelibhekene nothishanhloko kwelikaFaith

by | 15 April 2025

KUZOCACA kusasa ngoLwesithathu ngokuqhubeka kwecala elibhekene nesiboshwa nothishanhloko wase-Mpumlwane Primary School, abayamaniswa necala lokubulawa kowayeyisikhulu samaphoyisa akwaMasipala weTheku, uCapt Thomas Zwelakhe Ntombela, owadutshulwa wabulawa esemzini wakhe kwa-S eMlazi ngo-2023, kwabe sekuboshwa unkosikazi wakhe uFaith Nongcebo Ntombela.

Lokhu kuvele izolo ngoMsombuluko ngesikhathi isiboshwa uKhulani Cele nothishanhloko uMnu Sithembiso Khumalo bevele eNkantolo eNkulu yaseThekwini lapho ebekulindeleke khona ukuba kuqale ukuqulwa kwalo ngenxa yengozi yemoto eyehlele ingane kammeli kaCele.

Umshushisi wecala uMnu Krishen Shah utshele iJaji uGrath Harrison ukuthi umbuso nezinhlangothi zabammeli babasolwa bezikuvivele ukuqala kokuqulwa kwecala kodwa ngeke besakwazi ukuqhubeka, njengoba bekuzongena ebhokisini lofakazi umphenyi wecala uW/O Sibusiso Ntshangase nenkabi eyavuma icala lokubulala uNtombela yase igwetshwa iminyaka ewu-20, uMandlenkosi “Mzo” Ntombela.

“Ummeli kammangalelwa wokuqala (uCele) wehlelwe umshophi indodakazi yakhe yaba sengozini yemoto okwenza singakwazi ukuqhubeka nokuqala kokuqulwa kwecala.

Inkinga asazi ukuthi isimo sayo sempilo sizobe sinjani. Siphakamise ukuthi inkantolo igquqe kuze kube uLwesithathu. Uma simo sayo singekho ngcono ngoLwesithathu sizocela inkantolo isinike esinye isikhathi ekuyoqulwa ngaso icala,” kusho uShah.

Kuzokhumbuleka ukuthi kuleli cala kwaboshwa abane, ababili uFaith noMzo balivuma icala bagwetshwa.

Ezitatimendeni zabo zokuvuma baveza uCele njengongqondongqondo kuleli cala, neqahaza elikhulu elambanjwa uKhumalo ekuhlelweni kwalo nasekuzameni ukufihla ubufakazi.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...