Ilanga News
Home 9 Featured 9 Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

by | 24 October 2026

USESULILE emaphoyiseni uSergeant Fannie Nkosi olokhu agcinwa esitokisini kusuka ngoNdasa (March) nonyaka ngamacala ehlukene.

Okhulumela amaPhoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukwesula kukaNkosi kodwa wathi asikho isinqumo esesithathiwe ngokwesula kwakhe ngaphandle kokuthi basamukele incwadi ayithumele.

UNkosi selokhu agcinwa esitokisini kusuka ngoNdasa (March) nonyaka ngamacala ehlukene njengoba engakaze anikwe nebheyili. Ubhekene namacala amaningi okukhona kuwona elenkohlakalo, ukweba, ukushushumbisa imali, ukuphazamisa ukusebenza komthetho, ukutholakala kwamadokodo amaphoyisa emzini wakhe osePretoria North, isibhamu nezinhlamvu kanjalo nemali engu-52 700 eyigcine endlini.

UNkosi oboshwe emva kokuvela kwiMadlanga Commission, ugcine enkantolo yeMantshi yasePitoli ngomhlaka 15 kuMfumfu (October).

Njengoba esanqatshelwa ibheyili, ubefake isicelo sokuthi kube nezethulo azenzayo njengoba ezama ukuthi kusulwe amacala abhekene nawo. Inkantolo ithathe isinqumo sokuthi ihlehlisele umhlaka 5 kuLwezi (November) icala lakhe lapho kuzolalelwa khona lezi zithulo zakhe.

UNkosi usolwa nangokuthi uyena obesiza usomabhizinisi oboshelwe amacala amaningi, uMnu Vusumuzi “Cat” Matlala ngokuthi amazise uma kunophenyo oluzokwenziwa emzini wakhe njengoba kuthiwa ungomunye wamaphoyisa obesephaketheni lalo somabhizinisi oyamaniswa neqembu lezigebengu ezisatshwayo.

Ezisematheni

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

IZINYUNYANA zothisha nekomidi elibhekelele ukusebenza koMnyango weMfundo eyisiSekelo ePhalamende, zihlabe isenzo salo mnyango sokubuyisela ehhovisi likamgcinimafa kazwelonke imali engaphezu kuka-R600 million, engasebenzanga kunyakamali odlule. Lokhu kuvele embikweni...

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SOUTH African Human Rights Commission (SAHRC) inxusa ukubekezelelana kubantu kulandela isigameko sokubulawa kowokufika eThekwini, nephoyisa eNorth West okuthiwa libulawe ngumuntu wangaphandle. Ngeledlule kuqubuke imvunge ezinkundleni zokuxhumana kubonakala iVideo...

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) ukhala ngesinqumo sekhomishana yokhetho i-IEC sokuchitha leli qembu ukuthi lilungise kabusha uhlu lwamakhansela abhaliselwe ukungenela ukhetho loHulumeni baseKhaya oluzokuba  ngomhlaka 4 kuLwezi (November). Esitatimendeni iMKP ithi...