
UPHAKAMISE ukuthi kusungulwe isikhwama sezintombi zomhlanga uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ngempelasonto esigodlweni eMashobeni, oPhongolo, eMkhosini woMhlanga.
UNtuli uthe lesi sikhwama singalekelela ukuba kucijwe izintombi ngamakhono ahlukene, hhayi imfundo kuphela. Uthi ukusungulwa kwaso kungaba yimpumelelo uma kuzobambisana osomabhizinisi, iNdlunkulu, uhulumeni kubalwa nomphakathi.
“Lesi sikhwama uma sizogxila ekukhombiseni izintombi ukuthi ukuziphatha kahle kunomvuzo omuhle ngokwempilo nangokomnotho namakhono, kungaba kuhle kakhulu, zithuthukiswe izintombi ngobuntombi bazo. Lokhu-ke kungaba wukukhombisa izintombi ukubaluleka kokuzigcina okuhle ukuze isizwe sakwaZulu sakheke ngeqiniso nangobuqotho. Uma zonke izinhlaka engizibalulile zizobambisana, kangingabazi ukuthi lolu hlelo lungaba yimpumelelo ngokubambisana nesihlalo,” kusho uNtuli.
Uthembise iSilo uMisuzulu kaZwelithini ukuthi bazolokhu beyeseka imikhosi yaseNdlunkulu bewuhulumeni, ukuze baqinisekise ukuthi kayishabalali. Ubonge indlunkulu yonke ngokubambisana kwayo ekwesekeni iSilo.
“Thina njengohulumeni wakho Silo, sizoqinisekisa ukuthi imikhosi kaZulu kayishabalali, qhubeka usihole isizwe Hlanga Lomhlathi,” kusho uNtuli.
Ngakolunye uhlangothi, iSilo sinxuse izintombi ukuba ziweseke njalo lo mkhosi. Sithe uma wesekwa, kuyokwenza ukuba ezinye izizwe zingadlaleli esizweni samaZulu, futhi nomhlaba weNgonyama uyovikeleka.
“Masingawalahli amasiko ethu ngoba uma siwalahla, bazosiphuca umhlaba wethu,” kusho iSilo.
Sikhuze ukuhlukunyezwa kwabantu ngokobulili. ISilo sithe siyethuka uma izibalo zikhombisa ukuthi lesi sifundazwe sibalwa nezihamba phambili ngalesi sihlava.
“Ngiyanikhuza bakwethu, masihloniphaneni futhi sithandane. Uma ukuhlukumezana kudalwa wuphuzo, mawayekwe amabhodlela,” kusho iSilo.
Izintombi zomhlanga beziphume ngothi lwazo, wena owabona uZulu eya eMakheni. Okuqaphelekile wukuthi ngesikhathi iSilo sesethula inkulumo yaso ngoMgqibelo ntambama, sekushaye nehora lesine emuva kokuba izintombi seziwubekile umhlanga usuku lonke, iningi lazo bezihleli ematendeni, emfuleni zigeza, nasezikoleni ebezilele kuzona, kaziyanga endaweni obekubanjelwe kuyona izinkulumo. ISilo sikhulume nengcosana uma kuqhathaniswa nezintombi ebezigcwele izinkalo.







