Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuvulwe isikhungo sezobuchwepheshe eNkandla

Kuvulwe isikhungo sezobuchwepheshe eNkandla

by | 17 August 2025

UYALE intsha yasemakhaya ngokubaluleka kokuzithuthukisa ngolwazi kwezobuchwepheshe, uNdunankulu wesifundazwe, uMnu Thami Ntuli.

Bekuvulwa isikhungo sezobuchwephese bobuxhakaxhaka bamakhompyutha endaweni yaseVumanhlamvu, eNkandla, ngoLwesibili, ngesikhathi undunankulu ethula le nkulumo.

Lesi sikhungo esibizwa ngeVumanhlamvu Digital Centre, sakhiwe yiMoses Kotane Research Institute, yiDurban University of Technology noMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal.

UNdunankulu uNtuli uthe ngenxa yalesi sakhiwo, ubona ikusasa lentsha lizoshintsha kakhulu.

“Lesi sikhungo esivuliwe, indawo yaseNkandla sizoyishintsha kakhulu, nentsha izoba nemfundo ezoba ngcono.

“Ngiyafisa ukuthi umphakathi usivikele lesi sikhungo ngoba siyikusasa lesizwe. Mphakathi, kubalulekile ukuba nithande ikusasa lezingane zenu ngoba le mishini efakiwe, iyikho konke okudingwa ngabantwana ukuze bakwazi ukumelana nezimo zempilo esiphila ngaphansi kwazo.

“Ngiyafisa ukuthi umphakathi ube nolwazi lokuthi lesi sikhungo sisho ukuthini empilweni yawo,” kusho uNtuli.


Uthe umhlaba okuphilwa ngaphansi kwawo ufuna ukuthuthuka kwezobuchwepheshe. Unxuse ukuthi izikhungo zobuchwepheshe zakhiwe ezindaweni eziningi zasemakhaya, ukuze siguquke sonke isifundazwe.

“Ngibonga kakhulu kwi-United States Consulate, iDUT neNedbank, okuyibona abenze lo msebenzi waba yimpumelelo. Siyakuncoma ukuzinikela kwalezi zikhungo ekunciphiseni igebe lezokuxhumana emiphakathini yasemakhaya,” kusho uNtuli.

Uthe i-internet kumele idonse nangaphandle kwalesi sikhungo ukuze abaseduzane naso bakwazi ukuyithola, bayisebenzise.

“I-DUT kumele kubanjiswane nayo, ihanjiswe emiphakathini yasemakhaya njengoba isikwazile ukubona ukubaluleka kokusondezela intsha emakhaya uqeqesho lwezobuchwepheshe.

“Kunemiphakathi esilele kakhulu emuva, engazazi ezobuchwepheshe, efanele ukulekelelwa,” esho.

UNdunankulu wethule nohlelo lokwakhiwa kwesikhungo samakhompyutha eBizimali High School. Uthe kulindeleke ukuba siphothulwe ekupheleni kwenyanga ezayo ukwakhiwa.

Ngakolunye uhlangothi, uNgqongqoshe wezokuVakasha nokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi, uthe lesi sikhungo siwuphawu olumqoka lokuthuthukiswa kwamakhono nokuletha umnotho esifundazweni.

UMphathi weDurban University of Technology (DUT), uSolwazi Thandwa Mthembu, uthe njengoba inyuvesi isebenza kakhulu ngezobuchwepheshe, bazimisele ngokwelula isandla.

“Kuningi okumele kwenziwe lana eNkandla. Kubalulekile ukuba sisukume, sibhukule ukulekelela imiphakathi yasemakhaya,” esho.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...