
UMHOLI weDemocratic Alliance (DA) uMnu Geordin Hill-Lewis uthi babona kuyiMK Party kuphela iqembu abazobanga nalo ukuphatha uMasipala weTheku, okuyiwona omkhulu KwaZulu-Natal.
I-DA isiqalile ukukhankasela ukhetho loHulumeni baseKhaya, oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi (November) njengoba ubuholi bayo bebugaya amavoti kuMasipala waseMngeni (eHowick), ngoLwesithathu.
Abaholi baleli qembu, uHill-Lewis, umholi walo eKZN, uMnu Sithembiso Ngema, iMeya yaseMngeni, uMnu Christopher Pappas, iphini likasomlomo waseKZN, uNks Mmabatho Tembe, uMnu Sandile Mnikathi, noMnu Swelakhe Shelembe, batshele abantu baseMngeni ukuthi mabangethuswa yimibiko yokuthi iMK, ikhula ngamandla eKZN, ngoba nabo abazibekile phansi, bayakhankasa.
I-DA ifolose nguMnu Haniff Hoosen esikhundleni sobumeya eThekwini, okuyiwona masipala obhekwe ngabomvu esifundazweni. UMnu Hill-Lewis, uthi osekwenzeke kuMasipala waseMngeni, okuyiwona ophethwe yi-DA, eKZN, kuyisibuko sokuthi iqembu labo lisebenza kanjani.
“Siyaziqhenya kakhulu ngokwenziwe ngamakhansela ethu lapha eMngeni. Kule minyaka emihlanu, uMngeni wusuguquke waba ngumasipala ohlonishwa izwe lonke, futhi kuhlale kukhulunywa ngawo. Ozakwethu bathathe lo masipala ucwile ezikweletini, unengqalasizinda engekho esimweni esihle, kungekho ukuphepha, kodwa manje, usuthola imibiko engenalo ugcobho. Ukwenza kahle kweDA eMngeni, asingabazi ukuthi kuzosidonsela amavoti, sibathathe nabanye omasipala, kulesi sifundazwe,” esho.
UMngeni ukleliswe yiFW de Klerk Foundation endaweni yesikhombisa ohlwini lomasipala abasebenza kahle ezweni. UPappas, i-DA iphinde yamphakamisa ukuthi aqhubeke abe yimeya yaseMngeni.
menzi.jele@ilanganews.co.za.
CAPTION: Umholi weDA uMnu Geordin Hill-Lewis ejahsulelwa ngelinye ilungu leqembu eMngeni, ngoLwesithathu.
MENZI JELE
IDA ITHI “IZODUDULANA” NE-MK PARTY ETHEKWINI.







