Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Bazothunyelelwa ama-ARV ngamaphoyisa oZama-zama abaqhinqe emgodini

Bazothunyelelwa ama-ARV ngamaphoyisa oZama-zama abaqhinqe emgodini

by | 19 November 2024

INTATHELI YELANGA

BAZOTHUNYELELWA ama-ARV ngamaphoyisa oZama-zama abangaphezu kuka-4 000 – abasematheni kulezi zinsuku – “abagoloza” ukuphuma emayini eseyavalwa eStilfontein, eNorth West. Lesi sinqumo sithathwe emuva kokuba izolo ngoMsombuluko amaphoyisa ethole incwadi emfishane evela koZama-zama, bezehlisa, benxusa ukuba bathunyelelwe la maphilisi okuthiba isandulelangculaza.

YINCWADI ethunyelelwe amaphoyisa ngoZama-zama. ISITHOMBE NGABE: RSA_CJS/X

Kwenzeka lokhu nje, amaphoyisa “abesebeke umgoqo” avimba ukuba kuthunyelwe ukudla, amanzi nezinye izidingo ngenhloso yokuphoqa oZama-zama ukuba baphume emgodini, kodwa banqaba ngoba besaba ukuboshwa. Isimo sesithanda ukuba sibi kakhulu njengoba kubikwe ukuthi kukhona abafayo, abanye bayagula ngenxa yokungazitholi izidingo zempilo ezibalulekile kanti abanye sebentekenteke ngokwedlulele ukuthi bangatotoba baphume emgodini.

YIYO le mayini abavukuzi abangekho emthethweni abaqhinqe kuyona.

Emuva kokuba iNkantolo eNkulu yasePretoria ikhiphe isinqumo sokuthi kuvulelwe izinsiza ukuba zifinyelele koZama-zama, isekela lomkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke, uLt-Gen Tebello Mosikili, lithe amaphoyisa azobahlinzeka (oZama-zama) ngezidingo zezempilo, kubalwa nama-ARV. “NgoMgqibelo sinikwe umyalelo wesikhashana yinkantolo ukuba sibahlinzeke ngezidingo zezempilo ukuqinisekisa ukuthi baphephile,” kusho uMosikili. “Uma kuwukuthi ama-ARV ayingxenye yezinto abazidingayo, azohlinzekwa ngendlela efanele,” eqhuba.

Yize amaphoyisa ewamukele lo myalelo wenkantolo, kodwa uBrig Athlenda Mathe okhulumela amaphoyisa, uthe akukho okuzowavimba ukuba enze umsebenzi wawo. “Bonke abazophuma emgodini bazohlolwa ngabezimo eziphuthumayo. Okutholakala ukuthi bayimiqemane, bazoboshwa. Abadinga usizo lwezempilo oluthe xaxa, bazothunyelwa esibhedlela beqashwe ngeso lokhozi ngamaphoyisa,” kusho uBrig Mathe. 

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...