Ilanga News
Home 9 Izindaba zakamuva 9 Siyobe senza icala iSilo uma kwenzeka sigcagcelwa nguMaMyeni ngempelasonto

Siyobe senza icala iSilo uma kwenzeka sigcagcelwa nguMaMyeni ngempelasonto

by | 20 January 2025

UMTHWEBULI NGU: JOHN HLONGWA

IYAQHUBEKA nokuba yinsumansumane indaba yodwendwe lweSilo uMisuzulu kaZwelithini noNkz Nomzamo Myeni, obekubikwe ukuthi lungempelasonto esiya kuyo.

UMmeli weSilo uMisuzulu kaZwelithini, u-Adv Johnny Klopper uthi akukho mshado okhona weSilo.

Usho lokhu eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ngoMsombuluko, lapho le nkantolo beyilalele isicelo esiphuthumayo ebesifakwe nguNdlunkulu uNtokozo Mayisela Zulu, sokuba kuvinjelwe ukuqhubeka kwezinhlelo zomkhehlo obekubikwe ukuthi ungoLwesihlanu, nodwendwe obekubikwe ukuthi lungeSonto.

U-Adv Klopper ubephendula kwizethulo ezenziwe ngu-Adv Mandla Luthuli obemele uNdlunkulu uNtokozo KaMayisela Zulu, zokuba kumiswe le micimbi.

U-Adv Klopper utshele inkantolo ngenxa yokuthi akukho mshado ozoba khona, asikho isidingo sokumisa umshado ngoba vele awukho. Unxuse inkantolo ukuba isichithe lesi sicelo.

IJaji uMnu Sidwell Bongani Mngadi ebelilalele lesi sicelo, lisichithile isicelo sikaNdlunkulu uKaMayisela, lathi asiphuthumi, sakhishwa nasohlwini lwamacala asenkantolo.

UMnu Melusi Xulu wenkampani yabameli bakaNdlundluku uKaMayisela, iDonda Attorneys, uthe abavumelani nesinqumo sejaji.

“…sekumele uNdlunkulu asitshele ukuthi uma kwenzeka umshado uqhubeka, yiziphi izinyathelo azozithatha,” kusho uMnu Xulu.

UMnu Xulu ugcizelela ukuthi uma kungenzeka umshado ube khona ngempelasonto, lokho kuyobe kuwukwaphula umthetho. Uthi umthetho awumvumeli umuntu oshade umshado omhlophe wesilungu ukuba ashade omunye umshado futhi ungasuliwe lo asuke ewushade kuqala.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...