Ilanga News
Home 9 Izindaba zakamuva 9 Siyobe senza icala iSilo uma kwenzeka sigcagcelwa nguMaMyeni ngempelasonto

Siyobe senza icala iSilo uma kwenzeka sigcagcelwa nguMaMyeni ngempelasonto

by | 20 January 2025

UMTHWEBULI NGU: JOHN HLONGWA

IYAQHUBEKA nokuba yinsumansumane indaba yodwendwe lweSilo uMisuzulu kaZwelithini noNkz Nomzamo Myeni, obekubikwe ukuthi lungempelasonto esiya kuyo.

UMmeli weSilo uMisuzulu kaZwelithini, u-Adv Johnny Klopper uthi akukho mshado okhona weSilo.

Usho lokhu eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ngoMsombuluko, lapho le nkantolo beyilalele isicelo esiphuthumayo ebesifakwe nguNdlunkulu uNtokozo Mayisela Zulu, sokuba kuvinjelwe ukuqhubeka kwezinhlelo zomkhehlo obekubikwe ukuthi ungoLwesihlanu, nodwendwe obekubikwe ukuthi lungeSonto.

U-Adv Klopper ubephendula kwizethulo ezenziwe ngu-Adv Mandla Luthuli obemele uNdlunkulu uNtokozo KaMayisela Zulu, zokuba kumiswe le micimbi.

U-Adv Klopper utshele inkantolo ngenxa yokuthi akukho mshado ozoba khona, asikho isidingo sokumisa umshado ngoba vele awukho. Unxuse inkantolo ukuba isichithe lesi sicelo.

IJaji uMnu Sidwell Bongani Mngadi ebelilalele lesi sicelo, lisichithile isicelo sikaNdlunkulu uKaMayisela, lathi asiphuthumi, sakhishwa nasohlwini lwamacala asenkantolo.

UMnu Melusi Xulu wenkampani yabameli bakaNdlundluku uKaMayisela, iDonda Attorneys, uthe abavumelani nesinqumo sejaji.

“…sekumele uNdlunkulu asitshele ukuthi uma kwenzeka umshado uqhubeka, yiziphi izinyathelo azozithatha,” kusho uMnu Xulu.

UMnu Xulu ugcizelela ukuthi uma kungenzeka umshado ube khona ngempelasonto, lokho kuyobe kuwukwaphula umthetho. Uthi umthetho awumvumeli umuntu oshade umshado omhlophe wesilungu ukuba ashade omunye umshado futhi ungasuliwe lo asuke ewushade kuqala.

Ezisematheni

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

IZINYUNYANA zothisha nekomidi elibhekelele ukusebenza koMnyango weMfundo eyisiSekelo ePhalamende, zihlabe isenzo salo mnyango sokubuyisela ehhovisi likamgcinimafa kazwelonke imali engaphezu kuka-R600 million, engasebenzanga kunyakamali odlule. Lokhu kuvele embikweni...

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SAHRC ifuna kuphenywe ngokufa kowokufika nephoyisa

I-SOUTH African Human Rights Commission (SAHRC) inxusa ukubekezelelana kubantu kulandela isigameko sokubulawa kowokufika eThekwini, nephoyisa eNorth West okuthiwa libulawe ngumuntu wangaphandle. Ngeledlule kuqubuke imvunge ezinkundleni zokuxhumana kubonakala iVideo...

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) ukhala ngesinqumo sekhomishana yokhetho i-IEC sokuchitha leli qembu ukuthi lilungise kabusha uhlu lwamakhansela abhaliselwe ukungenela ukhetho loHulumeni baseKhaya oluzokuba  ngomhlaka 4 kuLwezi (November). Esitatimendeni iMKP ithi...