
IHHOVISI likaMengameli Cyril Ramaphosa lisola iDA ngokusebenzisa budedengu ubudlelwano obucikizelayo beNingizimu Afrika ne-United States of America (US) ukulwa indaba yokuxoshwa kukaMnu Andrew Whitfield njengephini likaNgqongqoshe wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana.
Lokhu kuza ngemuva kokuba iDA ithe uMnu Mcebisi Jonas, oqokwe nguRamaphosa ukuhola ithimba elijutshwe ukuyoqinisa ubudlelwano belakuleli ne-US, wenqatshelwa iVisa wuhulumeni kaMnu Donald Trump, futhi wangemukelwa njengomele iNingizimu Afrika.
Ukujutshwa kukaJonas eMelika kweza ngemuva kokukhonjwa indlela kukaMnu Ebrahim Rasool, owayeyinxusa lakuleli khona, ngoNdasa (March) ngemuva kokukhuluma kabi ngoTrump.
Esitatimendeni uMnu Vincent Magwenya, okhulumela uRamaphosa, uthe amathimba akhethekile awafani namanxusa (diplomats) futhi kawagunyaziwe ukwenza umsebenzi wobunxusa.
Uthe nakuba amathimba akhethekile engewona amanxusa, kodwa umsebenzi wawo uzisa ezinhlelweni zoMnyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana, nowoMnyango wezobuDlelwano baMazwe nokuBambisana.
Kwenzeka lokhu nje, uTrump usanda kumemezela ukwenyusa ngo-30% intela yezimpahla zakuleli eziyodayiswa ezweni lakhe.
“UMnu Jonas ubambe iqhaza elikhulu esebenzisana noMnyango wezoHwebo ukwenza izethulo zokuhwebelana phakathi kweNingizimu Afrika ne-United States. Sinethemba lokuthi kuzokuba nezivumelwano ezizohlomulisa zombili izinhlaka,” kusho isitatimende sikaMagwenya.
Kusuke umsindo ngemuva kokuba uRamaphosa ememezele ukuqoka kwakhe uJonas, ngesikhathi kuvela inkulumo eqoshiwe lapho uJonas ayesola khona uTrump ngokucwasa nokuzonda abantu abathandana nobulili obufana nobabo.
Ngisho nangemuva kokuvela kwale nkulumo, umengameli wama kwelokuthi unesiqiniseko ukuthi uJonas uzokwazi ukwenza lo msebenzi ajutshwe kuwona.







