Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ungqongqoshe uhambele umndeni womshayeli we-Uber obulawe eGoli

Ungqongqoshe uhambele umndeni womshayeli we-Uber obulawe eGoli

by | 18 August 2025

NGUNGQONGQOSHE uNkz Mbali Shinga ngesikhathi eyokhalisa umndeni kaMnu Siyanda Mvelase, obulawe eGoli.

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkz Mbali Shinga uhambele umndeni kaMnu Siyanda Mvelase (27) eNhlungwane, oLundi, namuhla ngoMsombuluko.

Lunyakazise abaningi udaba lukaMvelase, obengumshayeli we-Uber (e-hailing) eGoli, odlule emhlabeni ngesihluku ezinyantisa igazi, ngaphandle kwenxanxathela yezitolo iMaponya, eSoweto, ngoLwesithathu ebusuku.

Kusolwa umbango wemizila phakathi kwabamatekisi nabama-Uber njengembangela yokufa kwakhe. Kusolakala ukuthi udlule emhlabeni ngokudutshulwa, isidumbu sakhe sashiswa nemoto yakhe esigamekweni okusabalale ama-video aso ezinkundleni zokuxhumana.

Ungqongqoshe, ehambisana nezinye iziphathimandla zomnyango wakhe, uhlangane nomndeni wakwaMvelase, wadlulisa amazwi enduduzo. Uthe uhulumeni wesifundazwe uzokwelula isandla ukusiza umndeni ngezinto ezehlukene okubalwa kuzo nokulandwa kwezinsalela zakhe. 

“Okokuqala nje, umnyango uthathe isinqumo sokuba kujutshwe ithimba losonhlalakahle abazosiza umndeni ngokuweluleka njengoba ubhekene nesimo esinzima. Sikuqaphele ukuthi akukho muntu osebenzayo kulo mndeni.

“Sizwile nokuthi uSiyanda uphume ekhaya enephupho elihle ngekubo. Konke lokho sizokubheka emuva komsebenzi esibhekene nawo kumanje. Umndeni sizokwenza isiqiniseko sokuthi uthola ukwesekwa okusezingeni kulesi sikhathi esinzima,” kusho uShinga. 

Ezisematheni

UNtuli nezingxoxo zokubuyisana kuhlaselwa abe-IFP

UNtuli nezingxoxo zokubuyisana kuhlaselwa abe-IFP

IQEMBU iNkatha Freedom Party (IFP), kwaZulu-Natal ligxeka isigameko sokushaywa kulinywazwe amalungu aleli qembu amathathu, abekhankasa eZingolweni, kwaNyuswa, kuWard 34. Lesi sigameko senzeke ngesikhathi amavolontiya e-IFP ekhankasa ngeSonto kule ndawo. Laba abebenza...

Ibalulekile indima edlalwa yimithi yesintu ekwelapheni

Ibalulekile indima edlalwa yimithi yesintu ekwelapheni

IMITHI yesintu iyingxenye yempilo yabamnyama. Kwesinye isikhathi uyaye uthole ukuthi abanye baze bangabaze ukusebenzisa imithi yasentshonalanga, ngenxa yokukholelwa ekutheni isebenza kangcono eyesintu.Kusukela mhla ka-26 kuya kumhla ka-31 August, kusuke kubungazwa...

Owodumo lohlelo lwe-TV ugaqele esobumeya eMhlathuze

Owodumo lohlelo lwe-TV ugaqele esobumeya eMhlathuze

UMENYEZELWE njengozomela iDemocratic Alliance esikhundleni sobumeya eMhlathuze, uRob Bentele (osezithombeni) owazakhela udumo enqoba ohlelweni lukamabonakude iSurvivor South Africa. UBentele uzakhele udumo ngo-2019 enqoba kulolu hlelo obelukhonjiswa esiteshini...