Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ungqongqoshe uhambele umndeni womshayeli we-Uber obulawe eGoli

Ungqongqoshe uhambele umndeni womshayeli we-Uber obulawe eGoli

by | 18 August 2025

NGUNGQONGQOSHE uNkz Mbali Shinga ngesikhathi eyokhalisa umndeni kaMnu Siyanda Mvelase, obulawe eGoli.

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkz Mbali Shinga uhambele umndeni kaMnu Siyanda Mvelase (27) eNhlungwane, oLundi, namuhla ngoMsombuluko.

Lunyakazise abaningi udaba lukaMvelase, obengumshayeli we-Uber (e-hailing) eGoli, odlule emhlabeni ngesihluku ezinyantisa igazi, ngaphandle kwenxanxathela yezitolo iMaponya, eSoweto, ngoLwesithathu ebusuku.

Kusolwa umbango wemizila phakathi kwabamatekisi nabama-Uber njengembangela yokufa kwakhe. Kusolakala ukuthi udlule emhlabeni ngokudutshulwa, isidumbu sakhe sashiswa nemoto yakhe esigamekweni okusabalale ama-video aso ezinkundleni zokuxhumana.

Ungqongqoshe, ehambisana nezinye iziphathimandla zomnyango wakhe, uhlangane nomndeni wakwaMvelase, wadlulisa amazwi enduduzo. Uthe uhulumeni wesifundazwe uzokwelula isandla ukusiza umndeni ngezinto ezehlukene okubalwa kuzo nokulandwa kwezinsalela zakhe. 

“Okokuqala nje, umnyango uthathe isinqumo sokuba kujutshwe ithimba losonhlalakahle abazosiza umndeni ngokuweluleka njengoba ubhekene nesimo esinzima. Sikuqaphele ukuthi akukho muntu osebenzayo kulo mndeni.

“Sizwile nokuthi uSiyanda uphume ekhaya enephupho elihle ngekubo. Konke lokho sizokubheka emuva komsebenzi esibhekene nawo kumanje. Umndeni sizokwenza isiqiniseko sokuthi uthola ukwesekwa okusezingeni kulesi sikhathi esinzima,” kusho uShinga. 

Ezisematheni

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

I-MKP ifuna incazelo ngokunqatshelwa ukulungisa uhlu lwayo yi-IEC

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) ukhala ngesinqumo sekhomishana yokhetho i-IEC sokuchitha leli qembu ukuthi lilungise kabusha uhlu lwamakhansela abhaliselwe ukungenela ukhetho loHulumeni baseKhaya oluzokuba  ngomhlaka 4 kuLwezi (November). Esitatimendeni iMKP ithi...

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

USESULILE emaphoyiseni uSergeant Fannie Nkosi olokhu agcinwa esitokisini kusuka ngoNdasa (March) nonyaka ngamacala ehlukene. Okhulumela amaPhoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukwesula kukaNkosi kodwa wathi asikho isinqumo esesithathiwe...

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...