Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kubhubhe abathathu engozini yomgwaqo KwaMbonambi

Kubhubhe abathathu engozini yomgwaqo KwaMbonambi

by | 13 August 2026

SEKUPHIDE kwenzeka esinye isibhocongo sengozi emgwaqeni ophakathi kwaKwaMbomambi naseMtubatuba. Le ngozi embandakanya izimoto ezintathu, yenzeke namuhla ngoLwesine ekuseni. Kubhubhe abantu abathathu, kwalimala kanzima ababili.

Okhulumela iRoad Traffic Ispectorate uNks Sindi Msimang uthi imoto encane ibizama ukwedlula enye ngesikhathi ishayisana neloli ebeliphuma ngaseMtubatuba, libheke ngaKwaMbonambi.

“Kuze kwaphoqeleka ukuthi kusetshenziswe izindlawu, ukukhipha omunye wabantu obebhajwe phakathi emotweni encane. Abashonile bathathu, kanti ababili, baphuthunyiswe esibhedlela belimele kanzima.

“Umqwaqo kuphoqeleke ukuthi uvalwe amahora ambalwa, njengoba abatakuli nabezimo eziphuthumayo, bebesawukhuculula,” esho.

Kuwona lo mgwaqo, ekuqaleni kwalo nyaka, kubhubhe amalungu ayisithupha omndeni owodwa ayesuka eMandeni, ebheke ngaseMtubatuba.BONAMBI.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...