Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 I-DA isole i-ANC eThekwini ngokuhudula izinyawo kolwezikweletu zamanzi nogesi

I-DA isole i-ANC eThekwini ngokuhudula izinyawo kolwezikweletu zamanzi nogesi

by | 8 November 2024

LUCKY CAIN

KUHLONGOZWE ukuba umphakathi waseThekwini namaphethelo usebenzise ezobuchwepheshe bukamakhalekhukhwini (mobile app) bukaMasipala weTheku ukunqanda ukuthi bangakhokhiswa imali engaphezulu yamanzi nogesi. Lokhu kuvele ngesikhathi amakhansela alo masipala ehlangane e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini, ngoLwesithathu. 

Kulo mhlangano, iDA isole i-ANC ngokuhudula izinyawo nokungaqhamuki nesu lokulwa nezindleko ezimba eqolo ezi-khokhiswa abantu. 

Sekubikwe kaningi ngendlela lo masipala othumela ngayo izikweletu zamanzi nezikagesi njengoba usebenzisa uhlelo “lokuqagela” uma ubiza la manani emphakathini. Kuvele ukuthi lolu hlelo luyindida njengoba izisebenzi zikamasipala zingaziyeli mathupha ukuyofundela ukuthi kusetshenziswe ugesi namanzi angakanani. 

IDA iveze ukuthi lolu hlelo luhlukumeza umphakathi waseThekwini njengoba ugcina ukhokhiswa nezindleko ezingahlangene nawo. 

Iziphendulela i-ANC, inxuse ukuba abantu bathole ubuchwepheshe i-mobile app, kaMasipala weTheku ukuze bakwazi ukuzithumelela bona izinombolo zama-meter amanzi nakagesi. Iveze ukuthi okwamanje yiyona ndlela engaba yisixazululo sokuba abantu bathu-nyelelwe izindleko okuyizona futhi ezihambisana namanzi nogesi abawasebenzisile. 

Kugcine kuvunyelwana ngokuthi uhlelo lwale mobile app, lungaba yisixazululo sesikhashana. 

Amaqembu aphikisayo kulo masipala anxuse ukuba umasipala nezisebenzi zawo, uyisukumele indaba yokuthumela izincwadi zezikweletu ngaphandle kokuthola izinombolo eziqondile. 

lucky.cain@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...