Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UMalema uthi amahlubuka ngeke ayiwise i-EFF

UMalema uthi amahlubuka ngeke ayiwise i-EFF

by | 15 January 2025

UMHOLI we-EFF, uMnu Julius Malema, uthi ukuhamba kwabaholi abaqavile kuleli qembu akulilimazanga njengoba ethi seliqine kakhulu kunakuqala.

I-EFF ithwale kanzima nyakenye njengoba yehlelwe ukwesekwa okhethweni lukazwelonke obelungoNhlaba (May) njengoba iqembu elisha, elisungulwe ngowayengumengameli uMnu Jacob Zuma, uMkhonto weSizwe Party (MKP), lithathe indawo yokuba yiqembu lesithathu ngobukhulu eNingizimu Afrika.

Kayigcinanga lapho iMKP njengoba ithathe nabaholi be-EFF, okubalwa kubona uMnu Floyd Shivambu obeyisekela likaMalema, osengunobhala-jikelele weMKP, uMnu Dali Mpofu noNkk Busisiwe Mkhwebane obengumvikeli womphakathi.

Kamuva nje, i-EFF isanda kushiywa nguMnu Mbuyiseni Ndlozi, obengumkhulumeli wayo.

Ekhuluma noJJ Tabane, ohlelweni iPower To Truth ngoLwesibili ebusuku, uMalema uvumile ukuthi iMK Party ibe nesandla ekutheni i-EFF yehlelwe wukwesekwa, ikakhulu KwaZulu-Natal, eGauteng naseMpumalanga.

“Abantu bethu bebeluthwe ngamanga nezinto ezehlukanisa abantu ngokobuhlanga,” esho.

Uthe bebefuna uZuma eseke i-EFF, kodwa wenqaba, wakhetha ukusungula elakhe iqembu. Usole iMK Party ngokuba yisitokofela somndeni kaZuma.

“Uma wenqena ukufunda, hamba uyobuka ama-video abantu ababeseka uZuma kusukela ekuqaleni – kusukela esolwa ngokudlwengula, ekhethwa ukuba ngumengameli – akekho noyedwa osameseka (uZuma). Uma eseqedile ukukusebenzisa, ukulaxaza okwenyongo yenyathi. Uyedwa kuphela umuntu uZuma angakaze amlahle, yindodakazi yakhe uDuduzile (Sambudla-Zuma).”

UMalema usole uZuma ngokusetshenziswa ngongxiwankulu ukunqinda amandla umzabalazo wabantu abamnyama, ezishaya samuntu olwela abantu abacindezelwe.

Usole ne-ANC ngokudayisa ngomzabalazo ngokuba yingxenye kahulumeni wobumbano iGNU, ofaka phakathi neDA, athi ihamba ngenqubo kahulumeni wobandlululo (apartheid).

“Badayisa ngabantu abamnyama futhi nabo bayakwazi lokho. Futhi bazozisola ngalesi sinqumo sabo.”

Ezisematheni

Uzothunwa ngomgqibelo uMosioua Lekota

Uzothunwa ngomgqibelo uMosioua Lekota

UZOFIHLWA ngoMgqibelo, eBloemfontein, owaba ngomunye wabasunguli beCongress of the People (COPE), uMnu Mosioua "Terror" Lekota. ULekota, ushonele esibhedlela esiseGoli ngesonto eledlule, ngemuva kokuxinwa yisifo somdlavuza. Uke waba nguNgqongqoshe wezokuVikela...

Umdlalo weshashalazi ngeSilo uCetshwayo eThekwini

Umdlalo weshashalazi ngeSilo uCetshwayo eThekwini

NGUJERRY Pooe, ongumbhali nomqondisi wemidlalo yeshashalazi. UZOVULELEKA kubafundi nasemalungwini omphakathi umdlalo weshashalazi okhuluma ngeSilo uCetshwayo, obizwa ngeKing Cetshwayo The Musical, okulindeleke ukuba uqale ukukhonjiswa eThe Playhouse, eThekwini,...