
IHLAZO kugqekezwa indlu yoMfundisi waseLuthela ohola isifunda sasePhangweni Mission, esiseMtshezi, ematasa enkonzweni yePhasika, kwebiwa izimpahla ezigcine zitholakala kumuntu wasendaweni kungakapholi maseko, njengoba amaphoyisa aseMtshezi elusukumele phezulu lolu daba.
UMfundisi uNkosinathi Zuma ubingelelwe ngamasela akule ndawo ngokumgqekezela umuzi ahlala kuwona, amebela izinto ezahlukene, okubalwa kuzona amateki nama-laptop. Nokho amaphoyisa agcine ezithola kumfana wakuyona le ndawo.
Lezi zindaba zitshelwe ILANGA nguMengameli walesi sifunda, uMfundisi Victor Ntombela, ngeSonto ekuseni, obonge amaphoyisa ngokusukumela phezulu lolu daba ngesikhathi kuhlatshwa umkhosi.
“Lezi zigebengu zingene ngefasitela endlini yomfundisi uZuma, zathatha izimpahla zakhe ezahlukene, ezimqoka, ematasa nezinkonzo zePhasika. Okuhle wukuthi ngeSonto ekuseni zitholakele izimpahla kumfana wakhona lapha endaweni, futhi ongaqali ukubanjwa entshontshe emishini, yize zingakapheleli zonke.
“Sibonga amaphoyisa nabantu basendaweni ngokusukumela phezulu udaba,” kusho uMfu Ntombela.
Kugqekezwa emishini ehlala uMfu Zuma nje, wamukelwe kulesi sifunda ekuqaleni kwalo nyaka, ukuyokwelusa amakholwa aso, njengoba sithathwa njengesikhulukazi oThukela. Ubusela obuthinta izinto zebandla sebudlangile kule ndawo, njengoba nofenisi owawubiyele insimu yamathuna sewantshontshwa cishe wonke, kubalwa nocingo nezigxobo kwezinye izingxenye.
UMfu Ntombela akaqali ukubalisa ngobusela obuhlasele kule ndawo ezintweni zebandla, njengoba sekwake kwagqekezwa nendlu yaleli bandla, kwebiwa izinto ezimqoka zalo. Okhulumela amaphoyisa KwaZu-lu-Natal, uCol Robert Netshiunda, kuze kwashicilelwa engakaphenduli.







