Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 I-DA ithi isafuna ukuqhubeka nokuba yingxenye yeGNU

I-DA ithi isafuna ukuqhubeka nokuba yingxenye yeGNU

by | 6 April 2025


UMENGAMELI weDA uMnu John Steenhuisen uthi iqembu lakhe lisazimisele ngokuqhubeka nokuba yingxenye kahulumeni wobumbano (NGU).

Ubudlelwano phakathi kwamaqembu amakhulu kulolu mbimbi , okuyi-ANC neDA, buncikinciki kulandela ukungavumelani ngesabelomali esigcine siphasile ePhalamende ngeledlule.

Izolo ngoMgqibelo unobhala-jikelele we-ANC uMnu Fikile Mbalule uthe kulele kuyona iDA ukunquma ukuthi iyaqhubeka noma iyahoxa ekubeni yingxenye yeGNU.

Ekhuluma izolo emkhankasweni wokugaya amavoti ngaphambi kokhetho lokuchibiyela ePhoenix, uSteenhuisen uthe amaqembu ayingxenye yeGNU kumele abelane amandla ngokulinganayo, lingabi khona elizothathwa njengesichuse.

“Sizozama ukuthola indlela eya phambili kulesi simo ngoba siyakholelwa ekutheni kumqoka ukuba izwe libe nohulumeni onozinzo futhi ophendulayo. Sizimisele ukuxoxa nanoma yiliphi iqembu elifuna ukukhulisa umnotho wezwe nokudala amathuba omsebenzi,” esho.

Uthe indaba yokuphasiswa kwesabelomali ayikafiki esiphethweni.

“Lokhu okuphasisiwe yilokhu okuthiwa yi-fiscal framework, hhayi ibhajethi. Kusazodingidwa ePhalamende ngebhajethi ezosetshenziswa. Ngakho-ke sisekhona isikhathi sokuphikisa ukwenyuswa kwe-VAT,” esho.

Ezisematheni

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

YIZITHOMBE ezithwetshulwe kwiVideo yesigameko esenzeka KwaNdengezi, ebonisa umshayeli we-Uber ehlaselwa ngonogada bamatekisi emigwaqweni (patrollers). BAZOBUYELA enkantolo ngoLwesithathu abalisa abathathu abangabaqaphi bamatekisi emgwaqweni (patrolers) abasolwa...

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

NGUMLINGISI uHope Mbhele ngesikhathi enzelwe umemulo. Sikhulume ngembeleko ngokwedlule. Nokho siyichaze njengalokhu seyazeka esikhathini sanamhlanje ngoba singafuni ukuxuba, sizithole sekudidaniseka nomhlonyane owenzelwa ingane yentombazane lapho isithombile. Imbeleko...

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

BAZOKWAKHA uzinzo ngokuhlelwa kwemidlalo yebhola yothisha kwinyunyana ebekade kungabonwa ngaso linye kuyona emuva kwengqungquthela yokukhethwa kobuholi obusha nyakanye. INational Teachers Union (Natu) ihlele imidlalo yothisha mhlaka 25 no 26 kuyona lenyanga...