Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 I-DA ithi isafuna ukuqhubeka nokuba yingxenye yeGNU

I-DA ithi isafuna ukuqhubeka nokuba yingxenye yeGNU

by | 6 April 2025


UMENGAMELI weDA uMnu John Steenhuisen uthi iqembu lakhe lisazimisele ngokuqhubeka nokuba yingxenye kahulumeni wobumbano (NGU).

Ubudlelwano phakathi kwamaqembu amakhulu kulolu mbimbi , okuyi-ANC neDA, buncikinciki kulandela ukungavumelani ngesabelomali esigcine siphasile ePhalamende ngeledlule.

Izolo ngoMgqibelo unobhala-jikelele we-ANC uMnu Fikile Mbalule uthe kulele kuyona iDA ukunquma ukuthi iyaqhubeka noma iyahoxa ekubeni yingxenye yeGNU.

Ekhuluma izolo emkhankasweni wokugaya amavoti ngaphambi kokhetho lokuchibiyela ePhoenix, uSteenhuisen uthe amaqembu ayingxenye yeGNU kumele abelane amandla ngokulinganayo, lingabi khona elizothathwa njengesichuse.

“Sizozama ukuthola indlela eya phambili kulesi simo ngoba siyakholelwa ekutheni kumqoka ukuba izwe libe nohulumeni onozinzo futhi ophendulayo. Sizimisele ukuxoxa nanoma yiliphi iqembu elifuna ukukhulisa umnotho wezwe nokudala amathuba omsebenzi,” esho.

Uthe indaba yokuphasiswa kwesabelomali ayikafiki esiphethweni.

“Lokhu okuphasisiwe yilokhu okuthiwa yi-fiscal framework, hhayi ibhajethi. Kusazodingidwa ePhalamende ngebhajethi ezosetshenziswa. Ngakho-ke sisekhona isikhathi sokuphikisa ukwenyuswa kwe-VAT,” esho.

Ezisematheni

Kuzohlonishwa uDJ Cndo kowe-Inkasi Experience

Kuzohlonishwa uDJ Cndo kowe-Inkasi Experience

USANESIFISO sokubona ikhonsathi esezinkundleni zemidlalo, equkethe oDJ besifazane bodwa, uSindisiwe Cndo Zungu (osesithombeni), othathwa njengoDJ wokuqala wesifazane ukuvelela KwaZulu-Natal. UC'ndo uzohlonishwa emcimbini walo nyaka, we-Inkasi Experience, ozobe...

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

IZOQHUBEKA nemibhikisho ngaphansi kwemibandela emva kokhetho loHulumeni baseKhaya iMarch and March njengoba iyalelwe yinkantolo ukuthi iyimise okwesikhashan imibhikisho yayo. Lokhu kuza emva kokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uSolwazi Firoz Cachalia efake...

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

INKANTOLO yeSifunda yaseThekwini ichithe ukuthi kulalelwe ubufakazi beMeya yasoThukela, iNkosi uNtandoyekosi Shabalala eveze ukuthi izoyamukela emsebenzini imenenja yakulo mkhandlu uMnu Lanhelihle Jili (46) uma idedelwa ngebheyili ecaleni lenkohlakalo nelokuzama...