Ilanga News
Home 9 Featured 9 Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

by | 31 October 2026

INKANTOLO yeSifunda yaseThekwini ichithe ukuthi kulalelwe ubufakazi beMeya yasoThukela, iNkosi uNtandoyekosi Shabalala eveze ukuthi izoyamukela emsebenzini imenenja yakulo mkhandlu uMnu Lanhelihle Jili (46) uma idedelwa ngebheyili ecaleni lenkohlakalo nelokuzama ukugwazela amaphoyisa ethweswe wona.

Imeya ibiveze ukuthi ingangena ngisho ebhokisini izofakaza ngoba uJili wenza umsebenzi omuhle kumasipala uThukela.

IMantshi uMnu Garth Davis ithe ayisiboni isidingo sokungenelela komkhandlu kuleli cala ngoba uJili uboshelwe amacala obugebengu. 

Umshushisi u-Adv Joel Kiston ukuhlabe wakuhlikiza ukuthi uJili noDlamini badedelwe ngebheyili. Ukhale ngokuphepha kofakazi kuleli cala.

“Ukudedelwa kwabo ngebheyili akuqinisekisi ukuphepha kofakazi noma ngabe babekelwe miphi imibandela. Sekukaningi kubulawa ofakazi. Sinamacala esingawabala lapho kwakubulawa khona ofakazi. Kukhona nje owabulawa esenkantolo okukhomba ukuthi abaphephile kangakanani. Okunye okuvelayo ukuthi ofakazi bayasatshiswa kuleli cala okusho khona ukuthi impilo yabo isengcupheni,” esho.

Ummeli kaJili noDlamini, u-Adv Paul Jorgensen, uthe yize uMbuso uveza lezi zinsolo kodwa akukho okuhlanganisa abamangalelwa nazo.

“Amaphoyisa azivezile izinsolo zokusatshiswa kofakazi kodwa akukho lapho eveze khona ukuthi ziyamaniswa nabamangalelwa. Kumanje abukho ubufakazi noma isiqiniseko sokuthi uma bededelwa ngebheyili bazophazamisa ofakazi,” esho.

Uphinde wacela ukuthi uma inkantolo ibanika abamangalelwa ibheyili ucela ukuthi uDlamini abhekelelwe ngokudedelwa ngemali encane. Uphinde wabancengela ngokuthi abakaze bagwetshwe ngaphambilini.

Imantshi ize yenza ihlaya ngokuthi uDlamini anikwe ibheyili yemali encane, ekubeni kuthiwa wafika ephethe u-R600 000 ongukheshi.

Emva kwalezi zethulo imantshi ithe izokhipha isinqumo ngoLwesibili.

tndlovu@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

IZOQHUBEKA nemibhikisho ngaphansi kwemibandela emva kokhetho loHulumeni baseKhaya iMarch and March njengoba iyalelwe yinkantolo ukuthi iyimise okwesikhashan imibhikisho yayo. Lokhu kuza emva kokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uSolwazi Firoz Cachalia efake...

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...