
IZOQHUBEKA nemibhikisho ngaphansi kwemibandela emva kokhetho loHulumeni baseKhaya iMarch and March njengoba iyalelwe yinkantolo ukuthi iyimise okwesikhashan imibhikisho yayo.
Lokhu kuza emva kokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uSolwazi Firoz Cachalia efake isicelo esiphuthumayo enkantolo, enxusa ukuthi le nhlangano imise imibhikisho yayo. Enkantolo abamele isicelo esifakwe wungqongqoshe bebengaphumeli obala ukuthi bafuna imibhikisho imiswe unomphela noma ingabe isabakhona nhlobo yini. Ngokunjalo namaphepha aphelele abengakafakwa enkantolo ukuze ikwazi ukunquma kahle.
Obekuvela ukuthi ungqongqoshe ukhala ngokungaphephi komphakathi njengoba bekuthiwa kukhona abacasha ngokuba amalungu emibhikisho bese beqhuba ubugebengu. Okunye bebekhala ngokuphathwa kwezinduku uma kubhikishwa.
Inkantolo igcine ikhiphe isinqumo sesikhashana yayalela abeMarch and March ukuthi bayimise kancane imibhikisho yabo kuze kube umhlaka 6 kuLwezi (November) nonyaka. Nakhona bayalelwa ukuthi bayiqhube ngaphansi kwemibandela. Imibandela ebekiwe eyokuthi imibhikisho yabo kumele bayiqale ngo10-ekuseni kuze kube yihora lesithathu. Ngehora lesithathu banikwe ihora elilodwa ukuthi bahlakazeke njengoba kulindeleke ukuthi ngelesine kube kungasekho muntu osembhikishweni. Okunye ukuthi abavunyelwe ukuphatha izikhali embhikishweni.
Lokhu ijaji uMnu Peter Olsen lithe kuzoqhubeka kuze kube umhlaka 18 kuMasingana (January) wonyaka ozayo okuwusuku okuzobuyela ngalo leli cala enkantolo.
Ngomhlaka 27 kuLwezi (November) nonyaka abeMarch and March bazothumela enkantolo amaphepha aphikisana nesiphakamiso sikangqongqoshe sokuvala imibhikisho okuyiwona okuzobe kukhulunyelwa phezu kwawo ngonyaka ozayo.
Ababhalwe phansi esinqumweni senkantolo esimisa imibhikisho okwesikhashana, yiMarch and March, uNkk Jacinta Bongiwe Zuma, uMnu Xolani Christopher Zuma, uMnu Mthokozisi Alfred Gumede (Felemntwini), uNkz Nozibusiso Khambule, uMnu Lindani Xulu, u-Uyama Mthembu, uMasipala weTheku, inhloko yamaphoyisa eTheku noNgqongqoshe kazwelonke woMnyango wezaseKhaya.
Ngesikhathi abeMarch and March besenkantolo bebesekwe ngamaqembu epolitiki okukhona kuwona abangamalungu ePhalamende beMKP, abeNFP, i-Action SA, IFP ebimelwe uMnu Sizwe Mavava Sikhakhane.
USihlalo we-Action SA, uMnu Zwakele Mncwango uthe inkantolo ilubhalile uhlu lwabantu abamiswe ukuthi babe nombhikisho kuze kudlule ukhetho, okungamvimbi omunye umuntu ongekho kuloluhlu ukuthi angafaka isicelo sokubhikisha angene emgaqweni.
Khona manjalo uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uJenene Fannie Masemola esithangamini sabezindaba, uveze ukuthi bona bengamaphoyisa abakwazi ukumisa imibhikisho ngoba kuyilungelo lomuntu ukubhikisha. Uthe bona abebekufuna ukuthi imibhikisho ingabi nodlame nokuthi abaholi bayo bayale amalungu abo ukuthi aziphathe kahle ngesikhathi sayo.
tndlovu@ilanganews.co.za







