
BASOLA inkohlakalo nenhlese yepolitiki osomabhizinisi baseMlazi, eThekwini, abathi “baphucwe iqatha emlonyeni” wuhlaka lwenkampani kahulumeni iTransnet, iTransnet Properties nenkampani ezimele iSeaworld Aviation, beyekiswa ukusebenza abese bekuqalile esikhumulweni sezindiza esidala eProspecton, eSiphingo.
ILANGA likhulume nomunye walabo somabhizinisi, uMnu Kwazi Mbili, onguMqondisi wenkampani i-Amabhubesi Property Holdings, olichazele kabanzi ngalolu daba. Uthi iTransnet yathenga lesi sikhumulo sezindiza ngo-2012 ngenhloso yokusiguqula sibe yichweba, okwagcina kungenzekanga.
Uthi iTransnet yabe isikhipha isaziso sokuthi abanesifiso sokusebenzisa le ndawo abafake izicelo, okuyilapho labo somabhizinisi basifaka khona esabo ngenhloso, yokwenza amabhizinisi ehlukene ezokuthutha, iDurban Logistics Hub (DLH), ayezohlomulisa bona, iTransnet nezakhamizi ezakhe eNingizimu yeTheku.
“Sase siqalile ukusebenza, sezikhona nezinye izinkampani ezasezishale imali kwiDLH, ngesikhathi iTransnet isitshela ukuthi kasisakwazi ukuqhubeka nokusebenza ngenxa yokuthi sekukhona enye inkampani ezimisele ngokuyisebenzisa le ndawo, ibe yisikhumulo sezindiza esizimele.
“Satshelwa ukuthi le nkampani seyisayine isivumelwano sokuqasha le ndawo iminyaka ewu-10. Lesi sivumelwano senziwa ekomkhulu leTransnet, eGoli,” esho.
Uthi ngemuva kwesikhathi iSeaworld neTransnet Properties babe nokungaboni ngaso linye, okuholele ekutheni iTransnet isinqamule isivumelwano sazo lezi zinkampani, isola iSeaworld ngokuphula imithetho yaso. Lokhu kwaholela ekutheni iSeaworld ifake lolu daba eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, lapho lusadingidwa khona namanje.
UMbili uthi: “Amahhovisi esifunda asitshela ukuthi isikhulu esiphezulu, siqhamuke nesiphakamiso somthetho ongakaphasiswa kwaTransnet iSwiss Methodology Policy, okuyiwo osichithayo,” esho.
Uthi bayafisa ukuthola ubulungiswa kulolu daba, njengoba sebeze babhalela ihhovisi likaNdunakulu wesifundazweni uMnu Thami Ntuli, bemnxusa ukuba angenelele.
“Sabamba imihlangano emibili noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho eKZN uMfu Musa Zondi ngonyaka owedlule, okuthe kuwo lo nyaka inhloko yehhovisi lakhe yasiyalela nge-email (ILANGA eliwabonile) ukuthi lolu daba ludinga ihhovisi likandunankulu.
“Besilokhu sixhumana nalo ihhovisi likaNtuli ngama-email (ILANGA eliwabonile) kodwa besingakakutholi okubambekayo. Siyafisa uhulumeni ungenelele ukuze siqhubeke nokusebenza njengoba abatshalimali bethu besazimisele ngokusebenzisana nathi kwiDLH.”
Udaba lwezivumelwano zokuqashisa ngezindawo phakathi kwezinkampani ezizimele neTransnet, okubalwa nesikhumulo sezindiza esidala, luphenywa yiSpecial Investigative Unit (SIU), ngemuva kokugunyazwa kwayo nguMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa.
Iziphendulela iSeaworld Aviation kwiNews24, ithe lolu phenyo lweSIU luyindlela yokuphazamisa ukuqhubeka kwecala eliqhubekayo lokunqanyulwa kwenkontilaki yayo ngokungekho emthethweni yiTransnet.
Ithi kayingabazi ukuthi izoliwina leli cala, yize sekuphazamiseke uhlelo lwayo lwesikhumulo sezindiza esizimele. ITransnet Properties ithi kayikwazi ukuphawula kulolu daba njengoba lusesenkantolo.
Ithi izinhlelo ezilandelayo ngokuzokwenzeka kulesi sikhumulo, ziyokwethulwa emphakathini ngemuva kokuphothulwa kwecala, kanti okunye ukuxhumana kuphakathi kwayo noMbili.
Okhulumela ihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Bongani Gina, uthi: “Imiyalezo ethunyelwa kumhlonishwa uNtuli miningi kakhulu, ngakho kuthatha isikhathi eside ukuthi afike kuyo. Siyacela osomabhizinisi babekezele, udaba lwabo luzosetshenzwa.”







