Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Kuzohlonishwa uDJ Cndo kowe-Inkasi Experience

Kuzohlonishwa uDJ Cndo kowe-Inkasi Experience

by | 1 November 2026

USANESIFISO sokubona ikhonsathi esezinkundleni zemidlalo, equkethe oDJ besifazane bodwa, uSindisiwe Cndo Zungu (osesithombeni), othathwa njengoDJ wokuqala wesifazane ukuvelela KwaZulu-Natal.

UC’ndo uzohlonishwa emcimbini walo nyaka, we-Inkasi Experience, ozobe ubophele inqwaba yabaculi ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngomhla ka-19 kuDecember. UC’ndo unguDJ wesifazane wokuqala ukusayina ngaphansi kwenkampani i-Afrotainment, futhi wakhipha nenqwaba yezingoma ezishise izikhotha emculweni.

Ekhuluma ngokukhethekile neLANGA Lempelasonto ngokuhlonishwa kwakhe, uthe uzizwa ethobekile, ubengalindele ukuthi kungaba nomcimbi obona ekufanele ukuhlonishwa. Uthe usebe kulo mkhakha iminyaka engaphezulu kwewu-20. Uthe kuyamthokozisa ukubona siqhubeka nokwanda isibalo soDJ besifazane, abakhulayo kwezikaqedisizungu.

“Kwakuvele kuyiphupho lami ukuthi kungagcini kuba yimina kuphela owesifazane onguDJ, kodwa ngivulele nabanye indlela. Kuyangijabulisa ukubona oDJ Zinhle, uHappygal, uWaffle nabanye asebezakhele igama kulo mkhakha,” esho.

UC’ndo uthe okuhle wukuthi nabahleli bemicimbi sebeyalibona iqhaza loDJ besifazane, futhi sebeyakwazi ukubiza imali yabo, ngaphandle kokuthi babhekelelwe ngencane uma kuqhathaniswa nabesilisa. Uthe isifiso sakhe manje kulo mkhakha wukuthi kube nendumezulu yomcimbi, ozoba sezinkundleni zokuxhumana lapho kuzonandisa khona oDJ besifazane bodwa.

“Lokhu kungakhombisa ngokusobala ukuthi nathi sesiyakwazi ukuheha izinkumbi zabantu bezojabula, ngaphandle kokuthi size sifake uDJ wesilisa,” esho.

UC’ndo uthe kulezi zinsuku umatasa nokukhulisa igama lakhe phesheya kwezilwandle, njengoba eke waya emazweni okubalwa kuwona i-United Kingdom nase-Indonasia. Uthe emcimbini we-Inkasi Experience, uzimisele ngokujabulisa abantu ngendlela abazomkhumbula ngayo.

Kulo mcimbi kuboshelwe abaculi okubalwa kubona uSjava, iBoom Shaka, uScotts Maphuma, uKelvin Momo, uDJ Zinhle, u-Emtee, uMgilane, uGoldmaxm, uLimit, yiBlaq Diamond, nguBabes Wodumo nabaningi. Amathikithi aseqalile ukutholakala eTicketpro, kusukela ku-R150 no-R400 awezicukuthwane.

Ezisematheni

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

Inkantolo imise imibhikisho yeMarch and March ngesikhathi sokhetho

IZOQHUBEKA nemibhikisho ngaphansi kwemibandela emva kokhetho loHulumeni baseKhaya iMarch and March njengoba iyalelwe yinkantolo ukuthi iyimise okwesikhashan imibhikisho yayo. Lokhu kuza emva kokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uSolwazi Firoz Cachalia efake...

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

Inkantolo ichithe ukufakaza kwemeya kwesebheyili kaJili

INKANTOLO yeSifunda yaseThekwini ichithe ukuthi kulalelwe ubufakazi beMeya yasoThukela, iNkosi uNtandoyekosi Shabalala eveze ukuthi izoyamukela emsebenzini imenenja yakulo mkhandlu uMnu Lanhelihle Jili (46) uma idedelwa ngebheyili ecaleni lenkohlakalo nelokuzama...

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...