Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Lisobishini isoka lowesifazane odubule uyise wengane nge-AK47

Lisobishini isoka lowesifazane odubule uyise wengane nge-AK47

by | 4 February 2025

OWESIFAZANE waseMgungundlovu uthi uyoyixoxela amagwababa echobana indaba yokudutshulwa kukayise wengane yakhe, ngomunye unina wengane yakhe, okusabalele i-video yalona wesifazane ephethe inhlokohlela yesibhamu sohlobo lwe-AK47.

Lesi sigameko senzeke eMgungundlovu ngoMsombuluko owedlule, lapho uNkz Nokulunga Penelope Mthethwa (39), kuthiwa wagajwa yisikhwele sokubona uyise wengane yakhe ehamba nomunye unina wengane yakhe, wabe esemlwisa ebuza nalona wesifazane ukuthi uyazi yini ukuthi wamlahla nengane.

“Sithe sisahamba nje nobaba wengane, waqhamuka wabuza ukuthi ngiyazi yini ukuthi wamshiya nengane inezinyanga ezine. Ngiphendule ngathi ngiyayazi ingane yakhe. Kukhona lapho besilibangisekhona, ubaba wengane eyolanda ufenisi. Ngibe sengiqhubeka mina ngihamba ngoba nginqena ukulokhu ngiphikisana naye. Yena ulandele ubaba wengane babonakala sebelwa,” kusho lona wesifazane igama lakhe eligodliwe.

Uthi ngemuva kokulamulwa ube esehamba lona wesifazane wangena emotweni wadlula kubo ngamandla.
“Ngikhiphe ithawula ebengiliphethe ngamnika lona ngoba ubemlume ekhaleni nasemunweni. Uma ehamba ngizitshele ukuthi kuphelile ngengxabano yabo kanti kasibuzanga elangeni. Ubuye ngesikhulu isivinini waphuma emotweni ephethe inhlokohlela yesibhamu. Nakhona kangibalekanga ngoba ngizitshele ukuthi uyasabisa nje kanti uzovele adubule ngempela. Udubule ubaba wengane yami emlenzeni ngabona lapho ukuthi eyesibili inhlamvu iza kumina ngabaleka,” kusho lona wesifazane.

Uthi okuningi akabange esakubona ngoba ubese ebalekile. Kwi-video lona wesifazane uyabonakala ekhahlela uyise wengane yakhe elele phansi ngemuva kokumdubula imilenze yomibili. Uzwakala embuza ukuthi kungani emenza isilima amshiya nengane encane angayondli. Kwala noma amalungu omphakathi esesondela ezama ukusiza, kodwa aqhubeke nokufuna ukudubula. Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu ngoLwesine lapho ebhekene khona necala lokuzama ukubulala nelokuphatha isibhamu esingekho emthetheni.


Ngokusho kukaSergent Sifiso Gwala, okhulumela amaphoyisa eMgungundlobu, umsolwa udutshulwe kathathu kwesingezansi.
“Ukusebenza kwamathimba abebambisene okungamaphoyisa esiFunda uMgungundlovu, amaphoyisa aseMgungundlovu i-Trio Task Team, namaphoyisa i-SAPC E2 District Project ngokubambisana ne-Aphiwe Protection Servises, ilandelelile umkhondo wesibhamu kwatholakala ukuthi ngesesoka lakhe umsolwa osebenza njengonogada.

UNkz Mthethwa uzobuyela enkantolo ngoLwesine lapho kulindeleke ukuba afake khona isicelo sebheyili. ILANGA lithole ukuthi nalo isoka likaNkz Mthethwa lizulelwa ngamanqe njengoba eNingizimu Afrika kangagunyaziwe ukuba nalolu hlobo lwesibhamu.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...