Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Bekuvalwe ngomuntu emnyango kowe-Asiphephe Gospel Festival

Bekuvalwe ngomuntu emnyango kowe-Asiphephe Gospel Festival

by | 8 December 2025

INGQEPHU, ubukhazikhazi, intshumayeko  nendumiso bekusezingeni elicokeme kwiMandeni Asiphephe Gospel Festival, eSibusisiwe Hall eMandeni, ngoLwesihlanu ebusuku.

Lo mcimbi   uthakaselwe abaningi njengoba ihholo   beligcwele phama, abantu bezozibonela  abaculi bedumisa ngomculo bukhoma,  futhi bezonxusa uNkulunkulu ukuthi abe nabo kulesi sikhathi samaholidi okuphela konyaka. 

UDJ Kotini ogama lakhe langempela uSiyabonga Zikode ongowukuzalwa eNdulinde eMandeni, ongumnikazi wenkampani iKotini Communication & Event okuyiyo, ebihlela lo mcimbi uthi lokhu ukwenze ngenhloso yokulwa nezingozi, ezithe chithi saka kule ndawo nangalesi sikhathi sonyaka. 

“Inhloso yalo mcimbi ukuzokhulekela ukuphepha, ukukhulekela amaholidi okuphela konyaka amahle angenazigameko zezingozi zomgwaqo Izingozi uma sezenzeka zivele zibe  isiphihli. Yingakho ke ngiqhamuke ne-Mandeni Asiphephe Gospel Festival lapho sizonxusa khona uMvelingqangi ukuthi abheke ngakithi ngalesikhathi,” kuchaza uDj Kotini.

Ubonge kuMnyango wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe uMnu Mntomuhle Khawula nomasipala waseMandeni ngokwenza lo mcimbi ube impumelelo. 

 Abaculi abashiyelane inkundla kubalwa uPhindi P, uJumbo, uSbu Noah, u-Ayanda Ntanzi, uSindi Ntombela  nabanye abaningi okubalwa nabendawo.

Ezisematheni

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...