Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Bekuvalwe ngomuntu emnyango kowe-Asiphephe Gospel Festival

Bekuvalwe ngomuntu emnyango kowe-Asiphephe Gospel Festival

by | 8 December 2025

INGQEPHU, ubukhazikhazi, intshumayeko  nendumiso bekusezingeni elicokeme kwiMandeni Asiphephe Gospel Festival, eSibusisiwe Hall eMandeni, ngoLwesihlanu ebusuku.

Lo mcimbi   uthakaselwe abaningi njengoba ihholo   beligcwele phama, abantu bezozibonela  abaculi bedumisa ngomculo bukhoma,  futhi bezonxusa uNkulunkulu ukuthi abe nabo kulesi sikhathi samaholidi okuphela konyaka. 

UDJ Kotini ogama lakhe langempela uSiyabonga Zikode ongowukuzalwa eNdulinde eMandeni, ongumnikazi wenkampani iKotini Communication & Event okuyiyo, ebihlela lo mcimbi uthi lokhu ukwenze ngenhloso yokulwa nezingozi, ezithe chithi saka kule ndawo nangalesi sikhathi sonyaka. 

“Inhloso yalo mcimbi ukuzokhulekela ukuphepha, ukukhulekela amaholidi okuphela konyaka amahle angenazigameko zezingozi zomgwaqo Izingozi uma sezenzeka zivele zibe  isiphihli. Yingakho ke ngiqhamuke ne-Mandeni Asiphephe Gospel Festival lapho sizonxusa khona uMvelingqangi ukuthi abheke ngakithi ngalesikhathi,” kuchaza uDj Kotini.

Ubonge kuMnyango wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal oholwa uNgqongqoshe uMnu Mntomuhle Khawula nomasipala waseMandeni ngokwenza lo mcimbi ube impumelelo. 

 Abaculi abashiyelane inkundla kubalwa uPhindi P, uJumbo, uSbu Noah, u-Ayanda Ntanzi, uSindi Ntombela  nabanye abaningi okubalwa nabendawo.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...