
UKUBA yisilomo kweNkosi uPhathisizwe Philbet Luthuli, yesizwe sasemaThulini, eMgababa, kufakazelwe ngabantu abebethamele inkonzo yokutshalwa kwayo, izolo, ngeSonto.
Abantu bebengangoZulu eya eMakheni, njengoba itende, ebeligxunyelwe ngaphandle kwesikole iMnini Memorial, beligcwele phama. Uhlelo lomngcwabo beluphethwe yiNkosi uMsekeli Sizwesihle kaBhekamabhaca Zulu, yaKwaNokweja, eXobho, nomsakazi woKhozi FM, uNkk Thokozani MaMkhize-Ndlovu.
Bewuhanjelwe ongqongqoshe bakazwelonke, okunguDkt Dickson Masemola, oyiPhini laKwaCOGTA, noMnu Mkhuleko Hlengwa, oyiPhini eMnyangweni wezokuThutha, uNgqongqoshe wakwaCOGTA, KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu eKZN, uMnu Siboniso Duma, neMeya yeTheku, uMnu Cyril Xaba. Bekukhona noNdlunkulu uThandekile waKwaLinduzulu, uMntwana uMukelile, uMntwana uThulani waseZibindini nabaholi bezenkolo abebezimazise inkonzo.
Kutuswe uthando inkosi ebitshalwa ebinalo ngesizwe sayo. Kuthiwe kukhona izingane endaweni esezineziqu zasemanyuvesi ngoba zafundiswa yimali evela esikhwameni sesizwe. IMeya uXaba, ithe isebenze kakhulu neNkosi uLuthuli, emchaze njengengqwele yentuthuko.
“INkosi uLuthuli ibingagcini ngokuba ngumngani wami, kodwa ibingubaba wentuthuko, umholi obenentshisekelo. Zonke izinhlelo zentuthuko ebeziqhubeka esizweni sakhe, ubezethula kimina uMadlanduna. NgoMasingama (January), ufike ehhovisi lami, ezocela ukuxhaswa ngoba efuna ukuklomelisa abafundi abenze kahle kwaGrade 12, ezikoleni ezingaphansi kwesizwe sakhe.
“Ubebathanda abantu ngoba nezingane ezicwile ezidakamizweni, ezisesizweni sakhe, ubezifunela izikhungo lapho bezingasizakala khona. Impela sife olwembiza siwumkhandlu weTheku, nesizwe sasemaThulini ngokulahlekelwa ngumholi walolu hlobo,” kukhala uXaba.
UMnu Gidi Luthuli, ongumfowabo wenkosi ebitshalwa, uyale indodana yenkosi ezothatha isihlalo, uMnu Mazwi Luthuli, wathi mayiqhubeke lapho uyise egcine khona.
“Isihlalo siyahlonishwa njengoba nenkosi esiyivalelisa namhlanje, ibisiphethe ngobunono,” esho.
Amabutho asemaThulini, abephume ngobuningi. Ngesikhathi kukhuluma uXaba, kuke kwaphoqeleka ukuthi ame ngesikhathi amabutho ekhuza iziqubulo.







