Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho 9 Yethulwe endaweni yekhethelo inyanga yezokuvakasha eKZN

Yethulwe endaweni yekhethelo inyanga yezokuvakasha eKZN

by | 12 September 2025

UVEZE iphupho analo ngendawo yakhe Indonayamanzi Bar and Grill eKwaDlangezwe uMnu Simphiwe Hadebe ngesikhathi kunomcimbi wokwethulwa kwenyanga yezokuvakasha KwaZulu Natal obuhanjelwe izicukuthwane noNgqongqoshe wezokuVakasha nokuThuthukiswa koMnotho kulesi sifundazwe uMfu Musa Zondi.

Inyanga uMandulo ithathwa njengeyokugubha umkhakha wezokuvakasha nokugcinwa kwamagugu eNingizimu Afrika kanti KwaZulu Natal lo mkhakha ugabe kakhulu ngezamagugu nomlando wesizwe samaZulu onothile.

UMfu Zondi uchaze le nyanga njengemqoka ukunika abasemkhakheni wezokuvakasha ithuba lokuthuthukisa nokwakha amaqhinga obumbano nokuzigqaja ngemvelaphi kulo mkhakha.

Uthe nakuba le nyanga yethulwa endaweni yaseZululand kodwa isifundazwe sinothile nangezinye izindawo ezaziwayo kwezokuvakasha.

Ubalule izintaba zokhahlamba nolwandle i-Indian Ocean nokunye.

UMfu Zondii uqhakambise ukubambisana kwamakhosi ukuqinisekisa ukuthi lo mkhakha uyathuthuka njengoba seziqalile izinhlelo zokwakha kabusha ibhishi lasePort Dunford nezinye ezikhona ngaphansi kwalo mkhandlu.

Uqhubeke ngokuthi umnyango awuholayo uzibophezele ukubambisana nazozonke izinhlaka ukuqinisekisa ukwakha lo mkhakha.

Indawo Indoniyamanzi inesikhathi esingaphezulu konyaka iqalile ukusebenza njengoba yakhelwe onqanqameni lomfula iMangezi ngaphansi kobukhosi bakwaMkhwanazi KwaDlangezwe.

Ekhuluma kulo mcimbi uHadebe uveze ukuthi nakuba le ndawo isiqalile ukusebenza ngokuhlela imicimbi eyahlukene ikakhulukazi eyemishado neminye kodwa kuningi azimisele ukukwenza ngayo ukuyiphendula indawo yezokuvakasha yekhethelo ngokugcwele.

Uthe ukwenza imicimbi yemishado kusayisiqalo njengoba iphupho analo ngayo inkulu. “Sisasezinhlelweni zokuthi sibe nezindawo zokulala siphinde sakhe i-zip line kanjalo nemidlalo yamanzi njengoba sisonqanqameni lomfula,” kusho uHadeb oveze ukuthi okwamanje abantu bangakwazi ukuvakashela le ndawo bezozidlela baphinde batetemuke ngezikebhe zakhona kuwona lo mfula.

Ubonge uhlaka lwezokuvakasha namafilimu iKZN Tourism and Film Authority ngokuyithemba indawo yakhe ngokuthi isingathe lo mcimbi obalulekile wokwethulwa kwale nyanga.

Uthe lolu hlaka lukwazile ukumethemba nokuthemba indawo yakhe kanti ngalokhu uyabonga kakhulu.

UHadebe uphinde wabonga ukubambisana okuhle nomasipala uMhlathuze neKing Cetshwayo njengoba indawo yokungena kule ndawo ibisayinkinga kodwa umgwaqo usuqalile ukulungiswa ngenhloso yokufinyelela kalula kuyona.

Ezokuvakasha KwaZulu Natal zixube ezemvelo, ezomalando ingqalasizinda nokungcebeleka ngaphansi kweKing Cetshwayo.

Lokhu kuvezwe iMeya yalo mkhandlu uMnu Skhumbuzo Dlamini.

UDlamini uveze seziqalile izinhlelo zokuphendula idlinza leSilo uCetshwayo eNkandla libe yindawo yokuheha izivakashi.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...