Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ingonyama ikhuthaza ukulima esizweni

Ingonyama ikhuthaza ukulima esizweni

by | 19 November 2025

IKHUTHAZE ukuba kuvikelwe umhlaba wayo ngokulima, kwakhiwe nengqalasizinda ngenhloso yokuvula amathuba emisebenzi iNgonyama uMisuzulu kaZwelithini.

IMbube beyethula inkulumo emhlanganweni ovulelekile obewuphakathi kwayo noNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa, obehambisana nezikhulu zomnyango wakhe esigodlweni eMashobeni, oPhongolo, ngoLwesihlanu.

Lo mholi ubehambele kulesi sigodlo ngenhloso yokuqinisa ubudlelwano bokusebenzisana phakathi komnyango wakhe neNdlunkulu kaZulu. Ukufika kwakhe kulandele ukuhambela kukaNgqongqoshe wezeMali KwaZulu-Natal uMnu Francois Rodgers, naye obehamba nezikhulu zomnyango wakhe ngoLwesine.

URodgers ubeyokwethula uhlelo lokwakhiwa kwesakhiwo sokugcina inyama esizosiza kuyona yonke imikhosi yasendlunkulu. Lo mnyango uzokwakha ibhusha eliqondene nendlunkulu, kodwa elizovuleleka nakwabanye abantu abaseduze kwesigodlo, kanjalo nasezivakashini ezivela kwamanye amazwe.

Kunethemba lokuthi kuzothela izithelo ezinhle ukuhambela kwalaba baholi endlunkulu, ngalolu hlelo lubizwa ngeBeef Production Enterprise.

UNkk Madlopha-Mthethwa ufike esigodlweni eyikazela yizipho ezahlukene abeziphathele iNgonyama nomndeni wayo, waphinda wakhuleka ngezinkomo. Naso iSilo sixoshise uNkk Madlopha-Mthethwa ngenkomo, yahlatshwa kwabuswa.

Sekungamahlandla amaningana iSilo sizwakala sikhuluma amazwi angemahle ngohulumeni wakulesi sifundazwe, sikhala ngokuthi kawusinakile ngemali okufanele isetshenziselwe ukuxhasa izinhlelo zaso. ISilo sithe kufanele umhlaba usetshenziswe ukuze kuzothuthukiswa umnotho.

“Lapha endaweni nje ebude buduze nesigodlo, kunamadamu amane agcina amanzi okufanele asetshenziswe. Mina nje kwaziwa ukuthi nginezinkomo. Cha, kakunjalo, kakuzona ezami lezi zinkomo kodwa ngezesizwe. Njengoba kungezesizwe nje, kusezandleni zaso isizwe ukuthi ziqhubeke zizale.

“Ngiyathanda ukuba kusetshenziswe umhlaba, futhi ngiyabathanda abantu abakwenzayo lokho. Muva nje kusanda kufika abamhlophe bezongipha isigayo sommbila. Ngibacele ukuba bayosibeka eMakhathini, eJozini, ngoba abantu bakhona bakukhonzile ukusebenzisa umhlaba.

“Nginethemba lokuthi sizokwazi ukusebenzisana nalo mnyango ngoba mina ngiyakholelwa ekutheni kufanele kulinywe. Kumanje ngiphezu kohlelo lokuba kufakwe izigayo zamanzi kuzona zonke izindawo ezingaphansi kwesiFunda iZululand,” kusho iMbube.

Kuqhume uhleko ngesikhathi iMbube iyala izethameli ukuba zikholwe.

“Ngihlala ngisho ngithi, kholwani. Uma ngithatha lesi sihlalo, kwaba buhlungu ukuthi ngihlukane namabhodlela ami. Ngangiziphilela nje impilo yokuba ngumjita. Kufanele ushintshe impilo yakho,” kuphe-tha iMbube.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...