Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 I-ANC ohlongoza ukuyisa i-IEC enkantolo kwelohlu lwamakhansela

I-ANC ohlongoza ukuyisa i-IEC enkantolo kwelohlu lwamakhansela

by | 8 September 2026

I-ANC ithi ilufakela izibuko olokuyisa eNkantolo yezoKhetho uhlaka olwengamele ukhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), odabeni oluthinta ukungakwazi ukuhambisa uhlu lwamagama amakhansela azongenela ukhetho kwezinye izingxenye zezwe.

Lokhu kuvezwe nguMengameli weqembu, uMnu Cyril Ramaphosa ngempelasonto, ngesikhathi leli qembu likhankasa, lingena umuzi nomuzi eSoweto, eGoli. Lokhu kulandela ukuthi i-IEC ithi ngeke iselule isikhathi sokwemukela uhlu lwamagama amakhansela amaqembu azongenela ukhetho loHulumeni baseKhaya, okhethweni lwakulo nyaka.

I-IEC yayibeke umnqamulajuqu wokuphela kwenyanga eyedlule, ukuba bonke abazongenela ukhetho okungaba ngabamaqembu noma ngabazimele, babe sebeyithumelile imininingwane yabo namaphepha afanele ngaphambi kwehora lesihlanu ntambama ngenyanga edlule.

Ngemuva kokuvalwa kokuthunyelwa kohlu, i-ANC yaveza ukuthi ihlangabezane nenkinga yezobuchwepheshe, yangakwazi ukuthumela ngesikhathi uhlu lwezofolosa ngabo ezingxenyeni ze-Eastern Cape. Yacela i-IEC ukuba yelule isikhathi, kodwa i-IEC yakuchitha lokho. Ngempelasonto uRamaphosa uthi ziningi izindlela ubuholi beqembu obuzibhungayo ngalolu daba.

“Kwaba nenkinga yezobuchwepheshe ohlangothini lwe-IEC, sangakwazi ukuthumela uhlu kwaze kwaba kuyavalwa. Le nkinga kakuyona eye-ANC kuphela, kodwa maningi amaqembu nabazongenela ukhetho ngokuzimela abathintekayo kulokhu.

“Njengeqembu, sisabheka izindlela esingaxazulula ngayo lolu daba. Kuzona lezi zindlela singabala ukuxoxisana nayo i-IEC nezinye izinhlaka ezisondelene nokhetho. Okunye esikubona kuba yisixazululo, nesikufakela izibuko, wukudlulisela lolu daba eNkantolo yezoKhetho, ngoba inkinga yayingekho emaqenjini, kodwa kwakuyinkinga ye-IEC,” esho.

*Khonamanjalo, i-IEC ishaya phansi ngonyawo, ithi ngeke livulwe ithuba lesibili lokwemukela uhlu lwamakhansela amaqembu njengoba sekuvaliwe. Ithi ngesikhathi kuvalwa, ithole ukuthi bangaphezu kuka-140 000 abaphakanyisiwe ukuba bancintisane ezihlalweni zamakhansela eziwu- 10 526.

Ithi ithole ukuthi awu-2 274 amagama abebezongenela ubukhansela emaqenjini awu-45, angeke abalwe ngoba kwaze kwavalwa engaqedile ukubhalisela ukuba yingxenye yokhetho.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...