
UBEKWE endlini yokugcina uMnu Nathi Mthethwa ekubeni umndeni wakhe ungakazitholi izimpendulo ezigcwele ngokushonela kwakhe eFrance lapho abeyinxusa leNingizimu Afrika khona.
Ishiye abantu abaningi bakuleli bemangele indlela okuthiwa kudlule ngayo emhlabeni uMthethwa njengoba kuthiwa wazithanqaza phansi esuka esitezi sika-22 ehhotela laseFrance, iHyatt Paris. Lokhu kushiye abanye beshaya amakhala njengoba kusalindwe ukuba kuphothulwe uphenyo ngalesi sigameko.
Izinkumbi zabantu bamazinga ahlukene ziphume ngobuningi ukuyovalelisa uMthethwa enkonzweni yomngcwabo obusezingeni likahulumeni ngokwesigaba sesibili. UMengameli uCyril Ramaphosa wethule inkulumo yosuku, waqhakambisa amagalelo kaMthethwa kusukela ebuncaneni bakhe esakhula eKlaarwater, eThekwini.
Umchaze njengoqale ukusebenzela umphakathi kusukela emazingeni aphansi. Uqhube ngokumncoma ngokuba qotho kuzona zonke izikhundla aziphathile kwaze kwaba sekugcineni. Uqhakambise nobuhlakani bakhe kwi-ANC lapho eke waphatha isikhundla sokufundisa ngepolitiki kuyona.
URamaphosa uthe uMthethwa uzokhumbuleka ngokuma ohlangothini lwabahlwempu izikhathi zonke. UNkk Philisiwe Mthethwa, uMaButhelezi, ubhalele umyeni wakhe incwadi embonga nge-minyaka ewu-17 bendawonye. Uchaze uthando lwabo njengobelufana nomculo.
Kuvele ukuthi kuhlatshwe imbuzi ngoMgqibelo kushwelezwa kwabangasekho njengoba umufi efihlwe ngebhokisi, hhayi ngokwenqubo yamaNazaretha njengoba liyaye lifahlazwe.







