Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UMthethwa ungcwatshwe kusasele imibuzo engaphendulekile emndenini

UMthethwa ungcwatshwe kusasele imibuzo engaphendulekile emndenini

by | 14 October 2025

UBEKWE endlini yokugcina uMnu Nathi Mthethwa ekubeni umndeni wakhe ungakazitholi izimpendulo ezigcwele ngokushonela kwakhe eFrance lapho abeyinxusa leNingizimu Afrika khona.

Ishiye abantu abaningi bakuleli bemangele indlela okuthiwa kudlule ngayo emhlabeni uMthethwa njengoba kuthiwa wazithanqaza phansi esuka esitezi sika-22 ehhotela laseFrance, iHyatt Paris. Lokhu kushiye abanye beshaya amakhala njengoba kusalindwe ukuba kuphothulwe uphenyo ngalesi sigameko.

Izinkumbi zabantu bamazinga ahlukene ziphume ngobuningi ukuyovalelisa uMthethwa enkonzweni yomngcwabo obusezingeni likahulumeni ngokwesigaba sesibili. UMengameli uCyril Ramaphosa wethule inkulumo yosuku, waqhakambisa amagalelo kaMthethwa kusukela ebuncaneni bakhe esakhula eKlaarwater, eThekwini.

Umchaze njengoqale ukusebenzela umphakathi kusukela emazingeni aphansi. Uqhube ngokumncoma ngokuba qotho kuzona zonke izikhundla aziphathile kwaze kwaba sekugcineni. Uqhakambise nobuhlakani bakhe kwi-ANC lapho eke waphatha isikhundla sokufundisa ngepolitiki kuyona.

URamaphosa uthe uMthethwa uzokhumbuleka ngokuma ohlangothini lwabahlwempu izikhathi zonke. UNkk Philisiwe Mthethwa, uMaButhelezi, ubhalele umyeni wakhe incwadi embonga nge-minyaka ewu-17 bendawonye. Uchaze uthando lwabo njengobelufana nomculo.

Kuvele ukuthi kuhlatshwe imbuzi ngoMgqibelo kushwelezwa kwabangasekho njengoba umufi efihlwe ngebhokisi, hhayi ngokwenqubo yamaNazaretha njengoba liyaye lifahlazwe.

Ezisematheni

UseMlazi uMkhosi weLembe walo nyaka

UseMlazi uMkhosi weLembe walo nyaka

UMGUBHO waminyaka yonke wokukhumbula iSilo uShaka, umsunguli wesizwe samaZulu, useKing Zwelithini Stadium, eMlazi, kulo nyaka. Uzoba ngoLwesine, njengoba iSilo uMisuzulu kaZwelithini, sanquma ukuthi imigubho yeLembe, ibengawo umhla ka-24 kuMandulo (September), ilanga...

Ukunqoba kwezokuchibiyela kumnika ugqozi uNtuli

Ukunqoba kwezokuchibiyela kumnika ugqozi uNtuli

UKUNQOBA ezinkethweni zokuchibiyela kuMasipala waseThekwini nowaseMuziwabantu kunika ugqozi uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli (osesithombeni), ongundunankulu wesifundazwe. UNtuli ekhuluma nabezindaba izolo ngeSonto emcimbini wokwethulwa kukasomqulu...

Kunxuswe amadoda ukulwa nokubulawa kwabesifazane

Kunxuswe amadoda ukulwa nokubulawa kwabesifazane

NGABESIFAZANE Abebeyingxenye yengqungquthela ye-IFP yokwethulwa kukasomqulu wezethembiso zokhetho. UPHAKAMISE ukuba kubizwe imbizo yamadoda ukulwa nesihlava sokubulawa kwabesifazane esidlangile kulezi zinsuku esifundazweni iGauteng, uMengameli we-IFP uMnu Velenkosini...