Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kushone owesilisa olunywe yinja ebinamarabi

Kushone owesilisa olunywe yinja ebinamarabi

by | 24 June 2025

UMASIPALA weTheku ukhuthaza umphakathi ukuba ugome izinja kulandela isigameko sowesilisa waseZimbokodweni olunywe yinja yakhe ebinamarabi washona. Lenja kubikwa ukuthi ibinezimpawu ezitshengisa ukuthi inamarabi lokhu okubonakale ngendlela ebiziphethe ngayo nolaka ebinalo.

Ngemuva kophenyo obelwenziwa wumnyango weZifo Ezithelelanayo kumasipala weTheku kutholalake ukuthi lo wesilisa walunywa yinja ngoMarch kodwa wafuna usizo lwezempilo ngemuva kwezinyanga ezimbili, igciwane selisabalele emzimbeni.
Lesi sigameko sifuze leso esenzeke ngonyaka owedlule eNgonyameni, lapho kwashona khona ingane eneminyaka emithathu ngemuva kokulunywa yinja enamarabi.


Umasipala weTheku uthi lesi sifo siyingozi kepha siyavikelela, unomkhankaso ohlanganisa iminyango eyahlukene okuhloswe ngawo ukuqeda amarabi makufika unyaka u-2030. Kumanje sebegome izilwane zasekhaya eziwu 385, 372 izinja, amakati awu-13 emkhankasweni wezinsuku ezintathu obuseZimbokodweni kule nyanga.

Izimpawu zamarabi kubantu kungaba ukuphathwa yikhanda, imfiva, ukudideka emqondweni nobuhlungu bamamasela. Umasipala unxusa olunywe noma oklwejwe yisilwane esinamarabi ukuba athole usizo ngokuphuthuma. Isilonda kumele siwashwe ngamanzi ahambayo anensipho bese eya esikhungweni sezempilo. Ukuthola ulwazi ngamarabi umphakathi unxuswa ukuba uxhumane nomasipala ku- 031 328 9300

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...