
UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi, KwaZulu-Natal, uNks Mbali Shinga, uthi udaba lokuxoshwa kwakhe kwiNational Freedom Party (NFP), nemizamo yokumgudluza esikhundleni asiphethe, kuhulumeni obuswa ngokubambisana, uzoyilwa kuze kunqamuke izandla.
NgoMsumbuluko, iJaji uBongani Mngadi, eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, limchithile uNks Shinga njengoba ebefake inselelo, ephikisa isinqumo sangomhla ka-15 kuMandulo (September), sokumkhipha esiShayamthetho. UNks Shinga, uthi udaba lwakhe neNFP, seluzokhulunywa yiNkantolo yokuDlulisa amaCala (Supreme Court of Appeal), eseBloemfontein.
Ubuholi be-NFP, bakhomba uNks Shinga indlela, ngemuva kwesithangami sokuqondiswa ubugwegwe. Bathi akawulandelanga umyalelo weqembu wokuthi avote neMK Party, njengoba yayiphakamisa ukuthi uNdunankulu wesifundazwe, uMnu Thami Ntuli, akhishwe ngevoti lokungamethembi.
UNks Shinga, uthi useyalele uMmeli wakhe, uMnu S’thembiso Mbhele, ukuthi udaba lwakhe, alwedlulisele eBloemfontein.
“Kusesekuseni kabi, akuphelile ngami. Lolu daba luzolalelwa ngamaJaji aphezulu, ngoba ngiyakholelwa ekusebenzeni kwezinhlaka zomthetho, eNingizimu Afrika,” kusho uNks Shinga.
USomlomo wesiShayamthetho, saKwaZulu-Natal, uNks Nontembeko Boyce, ufakwa ingcindezi yiNFP, ukuthi afungise, uMengameli wayo, uMnu Ivan Barnes, esikhundleni sikaNks Shinga.
Umhlaziyi wePolitiki, ozinze e-Universirty of KwaZulu-Natal, uMnu Zakhele Ndlovu, uthi uBarnes, ngeke afungiswe lolu daba lusajikeleza izinkantolo. Amaqembu akuhulumeni obusa ngokubambisana eKZN, ayemeseka uNks Shinga.
USEBHEKE EBLOEMFONTIEN UMBALI SHINGA







